UKomphela uvikela uMotaung kubalandeli
UVIKELA imenenja yeKaizer Chiefs, umqeqeshi wayo uSteve “Mphathi” Komphela, ebifunwa esitikini ngabalandeli emuva kokuthi Amakhosi ehlulwe yiChippa United eFNB Stadium, eNasrec ngoMgqibelo ntambama.
Igama likaBobby Motaung nelikaKomphela belindiza, liphelezelwa yinhlamba kulo mdlalo we-Absa Premiership iChiefs ethole kuwo isibhaxu sika 3-0. Amagoli ezivakashi ashaywe uThabo Rakhale, Mxolisi Macuphu no-Edward Manqele. Ukuhluleka kweChiefs ukuthola amaphuzu amathathu kuwenze amfimfa kakhulu kunakuqala amathuba okubamba iMamelodi Sundowns ezihola phambili kwi-log.
Amakhosi asengayiwina iligi kodwa lokho sekuncike ekutheni ayiwine yomine imidlalo esele bese iSundowns nePirates behlulwa.
Emuva komdlalo ngoMgqibelo kusuke izibhelu eFNB Stadium, abalandeli beChiefs benqaba ukuhamba enkundleni becula amaculo anenhlamba ebhekiswe kuMotaung. Kade bethi akaphume bakhulume naye. UMotaung sekuneminyaka egxekwa ngokungathengi abadlali abasezingeni eliphezulu. UKomphela naye uphume kanzima enkundleni abalandeli befuna ukumudla luhlaza, bejikijela yena nabadlali ngezigubhu.
“Angibagxeki abalandeli ngesenzo sabo, ukulahlekelwa amaphuzu akumnandi. Kuyinto engeyinhle kodwa ukuthi begxeke uBobby ngesimo seqembu ngoba akadlali. Yithina okufanele sibhekane nalokhu. Angazi ukuthi kungani benza lokhu,” kusho uKomphela. “Ngiyakuqonda ukuthi abajabule ngoba iChiefs ayikaze ihlulwe ngo 3-0 ngale ndlela okwenzeke ngayo. Angilindele ukuthi abalandeli basiphosele izimbali. Uma abalandeli bekhombisa ukungenami kwabo, yithuba lethu lokufunda. Ngeke ngikubalekele lokhu. Uma kubaleka mina kuzokwenzekani kubadlali. Kufanele ngibhekane nakho ngidlule kukho, ngiqhubekele phambili.”
Abalandeli bagcine sebekhishwa amaphoyisa enkundleni, bazama ukulinda ibhasi ethwala abadlali ngaphandle beshaya ingoma. Ngesikhathi kucaca ukuthi ibhasi aliphumi, basabise ngokuthi bazozifikela mathupha eNaturena.
UKomphela uthe noma amathuba esemfimfa kodwa kufanele baqhubeke nokulwa kuze kube wumdlalo wokugcina wesizini.
“Asikwazi ukuphosa ithawula. Uma ngokwezibalo singeke sisakwazi ukuyiwina iligi, sizodlalela ukujabulisa abalandeli ukuqedela imidlalo esele. Noma ngabe sesiphumile embangweni kodwa kufanele lube khona ugqozi. Sisadinga ukudlalela abalandeli.
Angiyena umuntu olahla ithemba. Uma kwenzeka into embi kufanele sibambane. Kufanele ngikwamukele ukuthi ngiyagxekwa, ngibhekane nakho. Njengomqeqeshi kufanele ngikwazi ukumela noma yisiphi isimo,” kusho uKomphela.