Ayelulekwa amaphoyisa ahlaselwe yizigebengu
ELULEKWA ngokomqondo amaphoyisa amabili esifazane asesiteshini saseMbilo ahlaselwe yizigebengu zawaphuca imoto yomsebenzi nezibhamu izolo ekuseni, okubikwa ukuthi asathukile.
U-Constable noSergeant kade behamba emgwaqweni uBulwer noHelen Joseph ngesikhathi bemiswa abesilisa obekungathi bacela usizo bawajika bawakhomba ngezibhamu.
Kuthiwa abasolwa kuthiwa bathathe izibhamu zawo, bawaphuca nemoto yomsebenzi bakhala bemuka nayo.
Amaphoyisa adavuze ngezinyawo aze afika eStella Sport Club acela usizo.
Kuze kwafika amanye amaphoyisa awasiza.
Okhulumele amaphoyisa KwaZuluNatal, uLt Col Thulani Zwane, uthe abasolwa abakaboshwa kodwa kuvulwe icala lokubamba inkunzi nelokudunwa kwemoto. “Imoto yamaphoyisa itholwe ngalo ilanga lesigameko eClearance, eMbilo. Sisafuna abasolwa,” kusho uZwane. Okhulumela inhlangano yamaphoyisa iPopcru, uMnuz Richard Mamabolo uthe sekujwayelekile ukuba kuhlaselwe amaphoyisa ngale ndlela, wathi kumele amaphoyisa esebenze emaningi ukuze kugwemeke izigameko ezifuze lezi embuthweni.
Isolezwe lithole ngomthombo walo osondele nalolu daba ukuthi la maphoyisa abethuke kakhulu njengoba kuze kwaphoqeleka ukuba atholelwe usizo lokwelulekwa ngokomqondo.
Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi namhlanje kuphume isinqumo ecaleni elibhekene nabasolwa abathathu ngokubulala iphoyisa nokuzama ukubulala elinye eNanda.
Izolo leli cala belilalelwe enkantolo yaseThekwini, lahlehliselwa ukuba liqhubeke namhlanje.
Abasolwa, okungoMnuz Lindokuhle Mchunu (21), Sabelo Mkhize (28) noSboniso Khubisa (21).
Laba basolwa babhekene namacala amahlanu, elokubulala, ukuzama ukubulala, ukuthumba, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokweba.
Basolwa ngokuthi babulala iphoyisa elalisebenza esiteshini eMtshebheni, eNanda, uSeargent Vusimuzi Moyana nokuzama ukubulala umlingani wakhe uConstable Jabu Jojisa ngoSepthemba 22, 2015.
UMoyana washonela endaweni yesehlakalo, uConstable Jojisa wasinda ngokulambisa.
Ngokwezincwadi ezisenkantolo kuthiwa bafike eMtshebheni baqamba amanga bathi bazomangala kanti balutha amaphoyisa ngenhloso yokuwabamba inkunzi.
Kuthiwa amaphoyisa aphuma nabo abasolwa ngeveni yoMbuso, kuyiwa emzini othile eNamibia, eNanda, nokuyilapho afike athunjwa khona, aphoqwa ukuthi akhumule umfanisano wawo asale ngezikhindi zangaphansi.