Abayizwa eyokuboshwa osomatekisi
BAYAVEVA abanikazi bamatekisi ngesiphakamiso sikahulumeni waKwaZulu-Natal sokuthi baboshwe uma izimoto zabo zenza izingozi zomgwaqo ngenxa yokungabi bikho esimeni esifanele sokuthutha umphakathi.
Ekhuluma emngcwabeni wabawu-11 kwabawu-14 abashone engozini yetekisi eMsinga, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe abanikazi bamatekisi nabo kumele babekwe amacala anzima kungabi abashayeli bodwa uma izimoto zabo zingekho esimeni.
UMnuz Bafana Mhlongo, uNobhala weSouth African Taxi and Transport Alliance (Satta), uthe lokhu kuyabadumaza ngoba uhulumeni akabalekeleli ematekisini abo.
“Siyazwelana nabagibeli abashone engozini yetekisi kodwa siyaphikisana nokushiwo ngungqongqoshe ukuthi kumele kuboshwe nathi abanikazi bamatekisi ngezingozi. Ungcolisa igama lethu ngoba amatekisi ethu siyawakhanda. Ufuna ukusiqhatha nabagibeli kube sengathi siyathanda uma kunalezi zingozi. Ungqongqoshe ubalekela ukuqhamuka nekhambi lokugwema izingozi,” kusho uMhlongo.
UMhlongo uthe okubakhalisa kakhulu wukuthi uhulumeni akabaxhasi nhlobo ngezimali emabhizinisini abo nokwenza bagcine bethwele kanzima.
UMnuz Jabulani Mazibuko weKZN Taxi Alliance uthe abashayeli banelungelo lokungazishayeli izimoto ezingekho esimeni.
“Amatekisi amaningi awahlali kubanikazi bawo ngakho kabawaboni zonke izinsuku. Abashayeli bamatekisi bayazi lapho kumele bawahambise khona uma engekho esimeni kodwa ngenxa yokujaha umsebenzi befuna namasokisi bavele bathalalise,” kusho uMazibuko.
Uthe abashayeli kumele bababike kusosesheni abanikazi bamatekisi abangobhongoza abangafuni ukukhanda izimoto.
Imenenja ehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, uthe akungabhekwa kuphela abanikazi bamatekisi kodwa bonke abanesandla ekutheni amatekisi angafanele ukuba semgwaqweni athuthe umphakathi.
“Wonke umuntu onobudedengu obuholela ekutheni itekisi engekho esimeni yenze ingozi kumele aboshwe. Amatekisi athwala abantu ahlolwa njalo. Siyazi kunezindawo lapho kujombiswa khona. Uma itekisi yenza ingozi ngoba kade ingekho esimeni kodwa ibe inemvume yokuhamba emgwaqweni nephoyisa eliyinikeze imvume kumele liboshwe. Akungakhethwa iphela emasini,” kusho uShangase.