‘Kuzocaca ngelizayo ngengqungquthela’
UMGQUGQUZELI we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Michael Mabuyakhulu, uthe kuzocaca ngesonto elizayo ukuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi izoba nini kwazise kusazoba nomhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, uMabuyakhulu uthe bamatasa namalungiselelo engqungquthela njengoba kuqhubeka ukuhlala kwemihlangano yamagatsha.
“Siyaqhubeka namalungiselelo engqungquthela okwamanje kuhlala amagatsha. Ubuholi obuphezulu buzodingeka ukuthi bucubungule ukuthi yiziphi izingqungquthela zezifunda okufanele zihlale ngoba thina sisahlalisa amagatsha,” kusho uMabuyakhulu.
Uthe ngempelasonto kuzoba nomhlangano wobuholi obuphezulu be-ANC bese buhambela izifunda ezihlukene.
Ngemuva kwalowo mhlangano uMabuyakhulu uthe bazohamba bewubuholi besikhashana be-ANC esifundazweni bayothula umbiko ngamalungiselelo abo ebuholini bukazwelonke.
“Uma sesithule umbiko ebuholini bukazwelonke sizolinda isinqumo sabo sokuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi baKwaZulu-Natal kufanele ibe nini. Thina siyaqhubeka namalungiselelo,” kusho uMabuyakhulu.
Usho lokhu nje kwakuhlelwe ukuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe ibe ngasekupheleni kwale nyanga.
Mayelana namahlebezi okuthi kunabaholi abangamfuni uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa KwaZuluNatal, uMabuyakhulu uthe wonke amalungu e-ANC kulesi sifundazwe ayabuseka ubuholi be-ANC obuholwa nguRamaphosa.
“Alikho ilungu le-ANC eselike lafika kuthina lizosho ukuthi alihambisani nobuholi bukazwelonke ngoba sonke sasikhona engqungqutheleni yaseNasrec sakhetha abaholi. Sonke sasimelelekile futhi siyabuseka ubuholi bethu. Indlela obukhethwe ngayo yakha ubumbano,” kusho uMabuyakhulu.