Umgonqo wumkhuleko nokuzila okumiselwe isikhathi esifushane
NGOKWEDLULE sathembisa ukukhuluma ngemigonqo. Umgonqo wumkhuleko nokuzila okumiselwe isikhathi esifishane. Umkhuleko wokufundisa nokukhulisa umuntu. Ngolimi lwanamhlanje singathi umgonqo yikilasi. Umgonqo wokuqala kulapho ingane izelwe. Unina kuthiwa usezibini. Uhlala amasonto amathathu ezibini lapho ezele intombazane. Uhlala amasonto amabili uma kungumfana. Umuntu uzalwa engcolile ngakho-ke usuke ehlanzwa kulezi zinsuku. Futhi uzalwa ebuthakathaka. Usuke eqiniswa kulesi sikhathi. Kunendlu ahlala kuyo nengane yakhe ngesikhathi sokuzila.
Ingane isuke isathambe ukhakhayi kungamele yelekwe ngabantu abalukhuni ikakhulukazi abesilisa. Umuntu uvikelwa efika nje emhlabeni. Nomdlezane usuke ebuthakathaka. Kulesi sikhathi akabonwa yilanga; uyaphekelwa, ulethelwa izinto ehlezi ndawonye. Ubani owathi abantu besifazane abanakekelwa esiZulwini? Uma kunjalo kungani ingane yentombazane ihlala isikhathi esithe xaxa kunesomfana ezibini? Kungoba ibuthakathaka kakhudlwana.
Umgonqo wesibili kulapho intombazane ingena ezinsukwini zayo. Umgudu nochungechunge lokuzaleka komuntu kuyaziswa esiZulwini. Kugcwaliswa izwi elithi “zalanani nande”. Akugcinwa kuleli lizwi kepha kubhekwa nokuthi “zalanani kanjani?” Lokhu kucophelela uyakuthanda uMdali. Kungakho isizwe samaZulu kuthiwa singesibusisiweyo. UNkulunkulu uyasithanda isizwe esigcina amasiko aso. Sibonga abawagcine ngobunono amasiko esiZulu. Nokuthi siyakhuluma kungenxa yabo singakabhujiswa lesi sizwe.
Ingane engena ebudaleni yenzelwa umhlonyane. Igama eliqondile umhlunywana. Igonqela edlangaleni noma endlini emiselwe lokho. Ingena nawontanga bayo. Isalukazi sibagcoba ibomvu umzimba wonke. Ibomvu liyisihlanzi futhi liyinhlabathi esalubumba ethandwa ngabalele. Liwuphawu lomkhuleko. Abalele baxhumana kalula nogcobe ibomvu. Liwuphawu lokuba msulwa. Lezi zingane zingena ngembuzi emgonqweni. Kungaba ngezalapha ekhaya kumbe nezawomakhelwane. Intombazane egezile ingena nawontanga bayo emgonqweni. Labo ntanga basuke bengakangeni esikhathini. Okuphawulekayo kodwa ukuthi bathi bangahlalisa umthombi bangene nabo esikhathini.
Lezi zingane zihlezi nqunu. Ubunqunu buyingxenye yomkhuleko. Buwukuziveza unjengoba unjalo. INkosi iyamthanda umuntu oziveza enjengoba enjalo. Buwuphawu lokuba msulwa. Akukho okufihlile. Lobu bunqunu benza lezi zingane zazane kangcono. Kuzenza zisondelane kakhudlwana. Umuntu omazi engagqokile umazi impela. Kuzifundisa ukungabi namfihlo. Zijwayela ukuhlambuluka ngoba ukungafihli zikufunde zizincane. Ukwazana esiZulwini akufundiswa kepha kuyenziwa.
Emgonqweni kungena izalukazi zizokweluleka izingane ngokuziphatha. Zitshelwa kabanzi ngobumqoka bemizimba yazo. Ziyalisiswa ukuba zingahlangani nabafana ngoba zizomitha (ukukhulelwa ngokungemthetho). Kuyihlazo ukuzala kungakabi yisikhathi, kungakho kuthiwa ziyamitha. Zelulekwa nangokuthi uphendulwa kanjani umfana lapho eshela. Amagama abizwa njengoba enjalo. Lokhu kwenzelwa ukuba izingane zingadlali abafana. Zelulekwa nangokuziphatha emphakathini. Indlela intombazane edla ngayo nohlobo lokudla eludlayo kuyingxenye yokulungiselela umendo. Inhlonipho ihamba phambili.
Izingane zihlala isonto lonke nangaphezulu emgonqweni. Zivuka njalo ngovivi ziyogeza emfuleni ohambayo. Zifundiswa ukuvuka. Zisuke zihuba amahubo omthombiso. Uma kwenzeka zihlangana nomfana ziyamethuka. Naye ubaleka azephule ngoba kungenzeka zimshaye. Kusamdlalo kodwa zifundiswa ukuqina zingajwayelwa ngabafana.
Umgonqo olandelayo kulapho intombi yemuliswa nguyise. Usuke ebonga ukuziphatha kwayo ize ivuthwe ebuntombini. Isikhathi esiningi isuke ingakaqomi kanti seyikhulile. Uyise uthi gabi gabi nansi intombi yakwami yibukeni. Usuke eyijuba ekhuluma buthule ethi seyingaya komlandela izinkomo. Lokhu kubonga kubonakala ngokusina esigcawini izintombi zibonga. Ukwemula kuwukususa ungwengwesi. Kwemuliswa intombi nto. Osenengane angenzelwa nje umsebenzi kodwa hhayi ukuthi ubizwe ngomemulo.
Omunye umgonqo ungesikhathi sokugoya kukamalokazana. Ukugoya ukuhlonipha kukamakhoti emveni kokuchanguza. Usuke efunda umuzi endele kuwo, elulekwa nayizalukazi zalapha ekhaya. Lezi zalukazi nazo zake zaba ngomakhoti. Akathi efika nje umlobokazi abe eba yinkosikazi. Kuyamsiza lokho ukuze angaphaphi agxambukele nasezintweni ezingamfanele. NgesiLungu singathi uqala abe yijuniya ukuze alandele kahle izigaba zokukhula emzini. Kuyamsiza ukuqhakambisa ukuthi abantu kabalingani, banezigaba.
UMakhoba umbhali wamaGugu Esizwe. Ikheli lasemoyeni makhobak@ unizulu.ac.za