UMakhubedu usenovalo lokuqeqesha iBaroka ngokugcwele
UMQEQESHI weBaroka, uMcDonald “Bambino” Makhubedu, akaziboni esekulungele ukuqeqesha ngokuzimela kwi-Absa Premiership nakuba efike washintsha izinto kuleli qembu.
UMakhubedu ungene endaweni kaKgoloko Thobejane abekade eyiphini lakhe okhonjwe indlela emasontweni adlule emuva kokuvela kwezinkulumo zokuthi udle amankwebevu nabadlali. Ubekade eqeqesha i-Acornsbush edlala kwi-ABC Motsepe ngesizini edlule. Ngempelasonto uMakhubedu uhlulwe okokuqala kusukela egixabezwe ngesikhundla sokuhola iBakgaga. Bahlulwe yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premieship ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, bekade beshaye igoli kuqala. Amagoli eSundowns ashaywe nguWayne Arendse noPercy Tau. EleBaroka libekwe enethini nguLucky Nguzana.
UMakhubedu uveze ukuthi nakuba usihlalo weqembu uKurishi Mphahlele emthembisile ukuthi uzombheka uma esefuna umqeqeshi wangesizini ezayo kodwa yena akaziboni esekulungele ukuzimela.
“Usihlalo ungincomile ukuthi ngenza kahle, uzongifaka kubaqeqeshi azocabangela kubona uma esebheka ozohola iqembu ngesizini ezayo. Uma lokho kungenzeki, ngisemncane. Uma eqoka ukuletha omunye kufanele kube onolwazi, umqeqeshi engizokwazi ukufunda kuyena. Anginaso isifiso sokuba ngumqeqeshi ngokugcwele kodwa uma enginika umsebenzi, ngizodinga ukwesekwa yithimba labaqeqeshi. Uma eletha omunye ngizosemeseka ngifunde kuyena. Ngithemba ukuthi uzoletha umqeqeshi osezingeni eliphezulu ozosifundisa asiqhubekisele phambili, asishiye nokungcono. Ngifisa ukusebenza nabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu. Ngisemncane ngisafuna ukufunda, angifuni ukufisa izinto ezingaphezu kwami,” kusho uMakhubedu.
Nakuba iBaroka ibukeka ishintshe kakhulu eqenjini ebelikade liholwa nguThobejane kodwa kusafanele uMakhubedu asebenze ikakhulukazi esiswini nasemuva. UMakhubedu uthe basebenzela ukwenza kangcono kunangesizini edlule. IBaroka iqale kahle isizini, yahlala esicongweni se-log isikhathi eside. NgeSonto, iBakgaga izokwamukela iMaritzburg United emdlalweni weligi.
“Kubi ukuthi silahlekelwe amaphuzu amathathu emuva kokushaya igoli kuqala kodwa sidlale kahle. ISundowns idlale kahle, iyiqembu elihle. Bekuwumdlalo omuhle, ngiyajabula ngalokho, abantu bawuthokozele. ISundowns ishaye igoli ngesikhathi esibucayi, emizuzwini eyisihlanu yokugcina ngaphambi kokuphela kwesiwombe sokuqala. Baphinda futhi emizuzwini yokuqala esiwombeni sesibili. Lezi yizikhathi amagoli ashaywa ngazo, yikho ngingabagxeki abadlali bami ngalokho,” kusho uMakhubedu.