ULights Out ugawula kwasani okuphambi kwakhe
UZICABELE indlela ebheke emadlelweni aluhlaza umshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uLerato “Lights Out” Dlamini, owine ibhande le-World Boxing Council (WBC) International featherweight ngempelasonto edlule.
UDlamini (11-1-0) uhlule ngamaphuzu umakadebona uSydney “Skeleton” Maluleka empini ebikade ise-Emperors Palace, eGauteng, ngeSonto ntambama. Le mpi ibikade iseqhulwini kwebezihlelwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman. Ngokuwina leli bhande ebelikade lingaphethwe muntu, uzifake ethubeni lokukeliswa nezimbangi ezigaqele ibhande le-WBC featherweight eliphethwe nguGary Russell Jr waseMelika.
UDlamini uqeda ngoMaluleka nje, kusaphele izinyanga ezimbalwa enze okufanayo kowayengumpetha we-World Boxing Association (WBA) featherweight, uSimpiwe “V12” Vetyeka (30-4-0) emqhudelwaneni iSuper Four Bantamweight. Usezobhekana no-Azinga Fuzile kowamanqamu ngoJuni. UFuzile ungomunye wabashayisibhakela abasebancane abakhombisa ukuba bukhali kakhulu futhi osekuvele kukhulunywa izinto ezinkulu ngaye.
Empini noMaluleka, uDlamini uqale kancane njengokujwayelekile kodwa walinyusa izinga ngokuqhubeka kwemizuliswano. Ngesikhathi kubalwa amaphuzu emuva komzuliswano wesine, njengoba kuphoqa umthetho we-WBC, kuvele ukuthi uhamba phambili. Nokho uMaluleka akayenzanga yaba lula impilo kaDlamini kwazise unyuse izinga, waphosa izibhakela ezinzima. Nokho ukuphucwa iphuzu ngenxa yokubamba ngomzuliswano wesishiyagalombili kungenzeka ukuthi kumenzele phansi.
Emuva kokuhlulwa nguDlamini, uVetyeka unqume ukunyukela esisindweni se-lightweight. Empini yakhe yokuqala, abebukeka engekho qatha ngokwanele kuyona, uhlule ngomngqimuzo womlalisa phansi uThompson Mokwana e-Orient Theatre, e-East London ngoLwesihlanu ebusuku. Kade bebanga ibhande le-WBO Africa Lightweight. Izimpi kade zihlelwe yiXaba Promotions ka-Ayanda Matiti.
Kwenye impi, owayengumpetha we-International Boxing Organisation (IBO) lightweight, uXolisani “Nomeva” Ndongeni, uwine ibhande le-World Boxing Federation (WBF) lightweight ehlula ngamaphuzu u-Abraham Ndauendapo waseNamibia ePitoli ngoMgqibelo ebusuku. Le mpi ibihlelwe yiTLB Promotions yezinkakha uJan Bergman noLehlohonolo “Stone” Ledwaba. UNdongeni, ongaphumelelanga ekade eyozama amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle, unyusele irekhodi lakhe ku 24-0-0.