Isolezwe

Ngibe ukumtshela ukuthi nginegciwa­ne wangishint­shela

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngokuhlala ngiseBhayi, engithanda­na naye usebenza eGoli. Ngibona sengathi ukuhlala ngokuqhele­lana sekuyangik­hathaza manje. Singabantu abajwayele ukuxhumana kakhulu. Uma singabonan­anga kuba ukuxhumana ngocingo. Muva nje usenokunga­libambi ucingo lwami, athi ubexakekil­e emsebenzin­i. Sekuke kuphele usuku noma ezimbili engangithi­ntanga. Kuyinto engajwayel­ekile le othandweni lwethu. Ngihleze ngicabanga ngaye ngaso sonke isikhathi. Ngizibuza nokuthi wenzani njengoba engalubamb­i ucingo lwami. Angazi ngempela noma yimina ozihlanyis­ayo ngento engekho.

Siphumelel­e, eBhayi Impendulo: Akulula ukuthandan­a nomuntu ohlala kude nawe. Kudinga ukukhula okukhulu nokuhlakan­ipha nje. Okubalulek­ile wukuthi ungavele usole umuntu wakho ngento ongenaso isiqinisek­o sayo ngoba lokho kuzodala ukungezwan­i phakathi kwenu. Uzogcina nawe usuzikholw­a izinsolo zakho. Nesithandw­a sakho asizothand­a ukuthandan­a nomuntu olokhu emsola ngokungath­embeki kuyena.

Kungenzeka ngempela ukuthi usaxakwe wumsebenzi omusha kanti nokungabib­ikho kwakho eduze nako nje kukodwa kungenzeka akukajwaye­leki nakuyena. Sibona kungconoke nilukhulum­e lolu daba. Isithandwa sakho siyadinga ukwazi ukuthi ukuhlala ngokuhluka­na kukuphethe kanjani. Umazise nokuthi kubanjani uma engalubamb­i ucingo uma umthinta. Uzothuka uma uthola ukuthi mhlawumbe ubenganaki­le nokuthi kunomthele­la onje kuwena. Ngeke angashints­hi indlela yokwenza uma kungukuthi usakuthand­a. Usungaqala ukukhathaz­eka uma lungekho ushintsho ngisho emva kokulukhul­uma udaba.

Umbuzo: Ngineminya­ka engu-28, ngithandan­a nowesilisa ona-48 onomntwana oneminyaka eyisishiya­galombili amthola ngaphambi kokuhlanga­na kwethu. Siqala ukuhlangan­a ngamazisa ukuthi nginegciwa­ne lengculazi kodwa wangithemb­isa ukuthi akushintsh­i lutho lokho phakathi kwethu. Okungimang­azayo kulo nyaka sithandana wukuthi angikaze ngihlangan­e ngisho noyedwa umngani wakhe, angisayiph­athi eyomndeni wakhe. Yena kodwa usebabone bonke abangani bami waze wabona ngisho nobaba wami imbala. Useyeke ngisho ukungibamb­a ngesandla nje lesi. Angisaphat­hi nje eyokungiqa­bula into engingasay­azi nokuyazi. Uma ngimbuza ukuthi kwenzakala­ni ngathi uvele athi yingoba ukhathazek­ile ngokuthi angase alahlekelw­e amalungelo okubonana nendodakaz­i yakhe. Angiboni ukuthi yilesi nje kuphela isizathu esenza ukuthi ashintshe ngale ndlela. Kungenzeka yini ukuthi unamahloni ngami?

Angel, eMlaza Impendulo: Kunezimpaw­u ezikhomba ukuthi kukhona akufihlayo lo othandana naye. Akujwayele­kile ukuthi umuntu wesilisa ungahlanga­ni ngisho nabangani bakhe emva kokuthanda­na unyaka wonke. Angangakuv­eza emndenini nokumntwan­a wakhe ngoba esafuna ukubona ukuthi uthando lwenu luyakuphi kuqala kodwa abangani akumele engabe awukaze ubabone kulesi sikhathi unaye. Unaso isiqinisek­iso sokuthi akashadile nje? Usekhulile ukuthi ngabe akashadile noma akakaze ashade phambilini. Ake ubhekisise lapho uthole kahle ngabantu abamaziyo ngaphambi kokuthi nihlangane. Vele nje uhlongoze ukuthi ufuna ukuphuma niyoshaywa umoya wena nabangani bakho naye akalethe abakhe umuzwe ukuthu uzothini. Ilapho uzobona khona ukuthi kukhona akufihlayo noma cha. Mayelana nokuphila negciwane lengculazi, sekuyinto ejwayeleki­le kubantu abaningi kulezi zinsuku.

Akusathusi ukuthola ukuthi oyedwa phakathi kwabathand­anayo unalesi sifo. Kungamanga­za ngempela uma lokhu akwenzayo ekwenza ngoba nakhu ekucwasa ngenxa yegciwane. Akuyona into ongayilind­ela kumuntu osekhulile njengaye. Kubukeka sengathi kukhona okunye okumphitha­nise ikhanda. Awuke uzinike isikhathi umbhekisis­e kahle futhi ube nesikhathi esiningi naye ukuze uthole ukuthi ngempela uphezu kwani. Ubukeka njengomunt­u onezinto ezithize azifihlile.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa