Ngibe ukumtshela ukuthi nginegciwane wangishintshela
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngokuhlala ngiseBhayi, engithandana naye usebenza eGoli. Ngibona sengathi ukuhlala ngokuqhelelana sekuyangikhathaza manje. Singabantu abajwayele ukuxhumana kakhulu. Uma singabonananga kuba ukuxhumana ngocingo. Muva nje usenokungalibambi ucingo lwami, athi ubexakekile emsebenzini. Sekuke kuphele usuku noma ezimbili engangithintanga. Kuyinto engajwayelekile le othandweni lwethu. Ngihleze ngicabanga ngaye ngaso sonke isikhathi. Ngizibuza nokuthi wenzani njengoba engalubambi ucingo lwami. Angazi ngempela noma yimina ozihlanyisayo ngento engekho.
Siphumelele, eBhayi Impendulo: Akulula ukuthandana nomuntu ohlala kude nawe. Kudinga ukukhula okukhulu nokuhlakanipha nje. Okubalulekile wukuthi ungavele usole umuntu wakho ngento ongenaso isiqiniseko sayo ngoba lokho kuzodala ukungezwani phakathi kwenu. Uzogcina nawe usuzikholwa izinsolo zakho. Nesithandwa sakho asizothanda ukuthandana nomuntu olokhu emsola ngokungathembeki kuyena.
Kungenzeka ngempela ukuthi usaxakwe wumsebenzi omusha kanti nokungabibikho kwakho eduze nako nje kukodwa kungenzeka akukajwayeleki nakuyena. Sibona kungconoke nilukhulume lolu daba. Isithandwa sakho siyadinga ukwazi ukuthi ukuhlala ngokuhlukana kukuphethe kanjani. Umazise nokuthi kubanjani uma engalubambi ucingo uma umthinta. Uzothuka uma uthola ukuthi mhlawumbe ubenganakile nokuthi kunomthelela onje kuwena. Ngeke angashintshi indlela yokwenza uma kungukuthi usakuthanda. Usungaqala ukukhathazeka uma lungekho ushintsho ngisho emva kokulukhuluma udaba.
Umbuzo: Ngineminyaka engu-28, ngithandana nowesilisa ona-48 onomntwana oneminyaka eyisishiyagalombili amthola ngaphambi kokuhlangana kwethu. Siqala ukuhlangana ngamazisa ukuthi nginegciwane lengculazi kodwa wangithembisa ukuthi akushintshi lutho lokho phakathi kwethu. Okungimangazayo kulo nyaka sithandana wukuthi angikaze ngihlangane ngisho noyedwa umngani wakhe, angisayiphathi eyomndeni wakhe. Yena kodwa usebabone bonke abangani bami waze wabona ngisho nobaba wami imbala. Useyeke ngisho ukungibamba ngesandla nje lesi. Angisaphathi nje eyokungiqabula into engingasayazi nokuyazi. Uma ngimbuza ukuthi kwenzakalani ngathi uvele athi yingoba ukhathazekile ngokuthi angase alahlekelwe amalungelo okubonana nendodakazi yakhe. Angiboni ukuthi yilesi nje kuphela isizathu esenza ukuthi ashintshe ngale ndlela. Kungenzeka yini ukuthi unamahloni ngami?
Angel, eMlaza Impendulo: Kunezimpawu ezikhomba ukuthi kukhona akufihlayo lo othandana naye. Akujwayelekile ukuthi umuntu wesilisa ungahlangani ngisho nabangani bakhe emva kokuthandana unyaka wonke. Angangakuveza emndenini nokumntwana wakhe ngoba esafuna ukubona ukuthi uthando lwenu luyakuphi kuqala kodwa abangani akumele engabe awukaze ubabone kulesi sikhathi unaye. Unaso isiqinisekiso sokuthi akashadile nje? Usekhulile ukuthi ngabe akashadile noma akakaze ashade phambilini. Ake ubhekisise lapho uthole kahle ngabantu abamaziyo ngaphambi kokuthi nihlangane. Vele nje uhlongoze ukuthi ufuna ukuphuma niyoshaywa umoya wena nabangani bakho naye akalethe abakhe umuzwe ukuthu uzothini. Ilapho uzobona khona ukuthi kukhona akufihlayo noma cha. Mayelana nokuphila negciwane lengculazi, sekuyinto ejwayelekile kubantu abaningi kulezi zinsuku.
Akusathusi ukuthola ukuthi oyedwa phakathi kwabathandanayo unalesi sifo. Kungamangaza ngempela uma lokhu akwenzayo ekwenza ngoba nakhu ekucwasa ngenxa yegciwane. Akuyona into ongayilindela kumuntu osekhulile njengaye. Kubukeka sengathi kukhona okunye okumphithanise ikhanda. Awuke uzinike isikhathi umbhekisise kahle futhi ube nesikhathi esiningi naye ukuze uthole ukuthi ngempela uphezu kwani. Ubukeka njengomuntu onezinto ezithize azifihlile.