Wondla umndeni ngelezinkukhu umfundi
NGESIKHATHI abanye abafundi besadonsa ubuthongo bokugcina ngo-4 ekuseni, uLungelo Gwala (15) waseLovu usuke esepha ukudla izinkukhu zakhe, osekuyibhizinisi lakhe elondla umndeni.
ULungelo ofunda uGrade 11 eSiyabonga High, useyisilomo nakomakhelwane. Ufisa ukuqhubeka nokuba ngumlimi uma eseqede isikole. Lo mfundi cishe okunguye umlimi omncane kunabo bonke esifundazweni, uthe waqala eneminyaka eyisithupha ukuthanda imfuyo.
“Ngaphiwa inkukhu wumakhelwane wami, yazalela zanda. Ngalesi sikhathi bengingacabangi ibhizinisi lokuba ngumlimi. Bengizifuyile nje, ngidayise uma kukhona ozifunayo,” kusho uLungelo.
ULungelo owashonelwa nguyise nyakenye, usesele nonina ongasebenzi. Uthe izinkukhu sekuyibhizinisi abaziphilisa ngalo, uthenga nezimpahla zesikole ngemali yalo.
Ebuzwa ngothando lokuba ngumlimi, uthe uyacabanga ukuthi ubukele kuninalume othanda ukutshala. Nokho yena uthanda imfuyo. Yize ibhizinisi lihamba kahle, uthe inselelo wukuthi akazitholi ngesikhathi uma seziphelile.
“Ngisanda kudayisa izinkukhu ezingu-60 kumanje ngilinde ezinye. Ngithenga KwaDukuza amachwane nakwezinye izindawo. ubuningi babantu abakuleli bhizinisi kwenza angatholakali kalula,” kusho uLungelo.
Uthe ukuba sebhizinisini akuwuphazamisi umsebenzi wesikole. Uma esesikoleni unina umbhekela izinkukhu, abuye ntambama azibhekele.
“Angikasithathi isinqumo sokuthi ngizokwenza ziphi izifundo uma sengiqede isikole. Angifuni ukugxila ebhizinisini lezinkukhu kuphela, yingakho ngifuna nokuyoqhubeka nemfundo enyuvesi. Nginothando lwe-animal production okuyinto engingayenza nasenyuvesi,” kusho uLungelo.
Lo mfundi ubonge usomabhizinisi uMnuz Ntabende Phiri omcathulisayo.
UPhiri utshele Isolezwe ukuthi wahlabeka umxhwele ehlangana noLungelo nyakenye, wazibophezela ukumsiza. Umsize ukumakhela indlu yokufaka amachwane, ahambe naye uma kunemicimbi yosomabhizinisi.
“Ngiyamtshela uma kukhona umhlangano wosomabhizinisi, uma engaxakiwe umsebenzi wesikole ngihambe naye. Sengimxhumanise nabasemkhakheni wezolimo ukuze bamcathulise,” kusho uPhiri.