Uzolwela ukubuyisa isithunzi senyuvesi yaseZululand
USIHLALO omusha wesigungu esilawula inyuvesi yaseZululand, oNgoye, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe into eseqhulwini azoyenza njengoba esengamele lesi sigungu wukugeza igama lenyuvesi.
UNksz Caluza, onguNobhala weSadtu esifundazweni aphinde abe nguMgcinimafa weSACP, uthe isikhungo kumele sibuyelwe yisithunzi ikakhulu kubantu abahlwempu abafunda kusona.
Le nyuvesi ike yaba sezindabeni ngezinto eziningi ezithinta izinsolo zokungabi sezingeni leziqu zothisha, izinsolo zokuthi izikhulu zithenga imizi kanokusho, izinsolo zenkohlakalo nokunye.
Ziningi nezikhulu ezishiye ubuthaphuthaphu ezinye zikhala ngokuthi abukho ubuholi kule nyuvesi ephethwe nguSolwazi Xoliswa Mtose. Ngo-2016 kwashiswa amabhasi nezimoto zenyuvesi kunesiteleka sabasebenzi esadonsa isikhathi eside.
Kulo nyaka kube nesinye isiteleka sezitshudeni lapho kwashiswa khona elinye lamabhilidi enyuvesi nezimoto zamaphoyisa.
“Kubalulekile ukuthi umphakathi ubuyelwe ukwethemba le nyuvesi ngoba iyigugu kuwona. Umsebenzi omkhulu ngukuthi kumele kubuyiswe isithunzi sayo ukuze abantu baqhubeke nokuyethemba,” kusho uNksz Caluza.
Uthe ubevele eyilungu lesigungu esilawula inyuvesi kodwa engenaso isikhundla.
“Angimusha kulesi sigungu, akulandwanga umuntu ongazi ngezinto ezenzekayo njengoba ngangena ngo-2016 ngaba yilungu. Ngiqale kuleli sonto kulo msebenzi ngizohlala iminyaka emihlanu.”
Uthe ngeke bavumele ukuthi inyuvesi icekelwe phansi ngoba eyabantu abamnyama.