Bancele ulwazi komakadebona abasafufusa
ABASAFUFUSA bancele ulwazi kosomabhizinisi osekudala beyibambile emcimbini wokuthekela ngolwazi eDurban University of Technology eThekwini izolo.
IStart Up Boot Camp wuhlelo olusiza osomabhizinisi abasafufusa ngolwazi nemali yokuthi bathuthukise amabhizinisi abo.
UMnuz Phillip Kiracofe ongomomunye wabasunguli balolu hlelo uthe lona ngunyaka wokuqala uhlelo luyiswa emadolobheni ase-Afrika kanti banethemba lokuthi luzosiza osomabhizinisi abaningi abasafufusa.
Njengoba bekade beseThekwini sebeke baya nakwamanye amadolobha, okubalwa awaseGoli naseKapa.
“Sihlose ukuya emazweni ayi10 e-Afrika sihlomisa osomabhizini ngolwazi siphinde sibasize ngemali njengoba sizovula isikhungo sokufundisa ngamabhizinisi eKapa esizocija kuso osomabhizinini abaqhamuka emadolobheni esiye kuwona,” kusho uKiracofe.
Osomabhizinisi bazocijwa izinyanga ezintathu bese ozobashaya emakhanda aklonyeliswe ngoR100 000 wokuthuthukisa ibhizinisi.
Abanye osomabhisinisi abasafufusa abebezothekela ulwazi nguMnuz Sihle Majola (29) noSandile Khanyile (35) abasungule ama-app okwenza impilo yabantu ibe lula.
UKhanyile usungule i-app, iTekisi-que yokusiza abameneja amarenki amatekisi ukuthi bakwazi ukubona ukuthi iyiphi itekisi esilayishile nokuthi iyiphi elandelayo okuzosiza ukuthi bangabe besasebenzisa izingqwembe ukubhala iminingwane.
Yize ingakaqali ngokusemthethweni ukusebenza kodwa uthe lolu hlelo selumsizile ukuthi athole ulwazi lokuthi uzoqhubeka kanjani.
UMajola wasungula i-app esiza abantu besifazane abafuna abantu abaseduze abangacwala kuzo amakhanda.
Uthe le app wayisungula ngoba efuna ukuthi osomabhizinisi abacwala izinwele abasafufusa nabo bathuthuke.