Kuzohlomula abafundi abangu-40% kweyamahhala
Bongani Mavuso BABALELWA ku-40% abafundi abazohlomula ohlelweni lwemfundo yamahhala kubafundi abangu-208 000 abasemanyuvesi abenza unyaka wokuqala.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, ephendula imibuzo emkhandlwini wezifundazwe ePhalamende eKapa.
UNkk Pandor uthe abafundi bazohlomula ngemfundo yamahhala eyamenyezelwa ngowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma.
“Abafundi abazohlomula ngemfundo yamahhala yilabo abazali babo abahola ngaphansi kukaR350 000 ngonyaka.
“Bangu-40% abafundi abenza unyaka wokuqala abazohlomula ngale mfundo njengoba ngonyaka ozayo izokwenabela kulabo abenza unyaka wesibili,” kusho uNkk Pandor.
Uthe le mfundo izofakwa iminyaka emihlanu ezayo.
Uqhube wathi bazoqala olunye uhlelo lokunxusa amanyuvesi ukuthi alethe izinhlelo zawo mayelana nokwamukelwa kwabafundi.
Okwamanje izibalo abazisebenzisayo zisuka ku-2014 kuya enyakeni ozayo.
“Sizoba nolunye uhlelo lokuhlelela ukwamukelwa kwabafundi oluzosuka ngo-2020 kuya ku-2025.
“Lolu hlelo yilona oluzobalula izinhlelo zoxhaso kusuka ngo-2022 kuya ku-2028. Izikhungo kumele zilethe lezi zinhlelo ekupheleni kukaSepthemba kulo nyaka.”
Uthe bazozinika ithuba izikhungo ukuthi zichibiyele izinhlelo zazo.
Ebuzwa ngokuthi ngabe ukhona umyalelo okhishwe ngumnyango uya kumanyuvesi ngokuthi kuhoxiswe amacala ayebekwe labo ababebhikisha ngesikhathi kubhikishelwa ukunyuswa kwemali yokufunda okwaziwa nge-#FeesMustFall, uthe abakaze bawukhiphe lowo myalelo.
“Asikaze sinxuse izikhungo ukuthi zihoxise amacala abekwe abafundi ababebhikisha noma kuthiwa athinta okuphula imigomo yaleyo nyuvesi.
“Asikwazi ukungenelela ezintweni ezithinta ukulawulwa kwezikhungo,” kusho uNkk Pandor.
Uthe amandla okuhoxisa amacala alele kuMqondisi wophiko lwezokushushisa kuleli.
Ubalule nokuthi iseyinkinga eyokushoda kwezindawo zokuhlala emakolishi amakhono amaTechnical Vocational Education and Training (TVET).
Uthe okwamanje amakolishi ahlalisa abafundi abangu-15 489.
“Ngokohlelo lokuphucula ingqalasizinda sifuna ukuhlinzeka ngemibhede engu-300 000 ngo-2026 ezikhungweni zemfundo ephakeme.
“U-100 000 wayo ube semakolishi amakhono.
“Sisebenzisana noMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi ukuze kutholakale amabhilidi kahulumeni angasebenzi ukuze ashintshwe enziwe izindawo zokuhlala abafundi.”