UMtawarira angalandela uDaniels?
KUNGENZEKA ukuthi uTendai “Beast” Mtawarira abuke isimo sokuzitshwa kwakhe emidlalweni emikhulu kwiCell C Sharks bese efikelwa wumqondo wokulandela ezinyathelweni zikakaputeni wakhe wakudala uKeagan Daniels omemezele ukuthi usethi khumu kulo mdlalo.
UDaniels, osehlale kwiSharks isikhathi esingaphezulu kweminyaka eyishumi, umemezele ukuthi uzowagaxa emgibeni amakhokho akhe abheke engxenye uma kuphela iVodacom Super Rugby. Njengamanje iSharks ayenzi kahle kwiSuper Rugby kodwa okucacayo ngokungadlali kahle kwayo wukuthi njalo uma engekho uMtawarira leli qembu likaRobert du Preez lishaya udaka.
Kungenzeka yini ukuthi uMtawarira abuke lokhu bese elandela uDaniels? Bayalingana ngokweminyaka kodwa uDaniels mdala ngezinyanga kuBeast. Kuyona yomibili imidlalo iSharks eyidlale namaqembu aseNingizimu Afrika ikhale ngaphansi. Kuyona yomibili uMtawarira ubengekho. Ubeseqenjini ngesikhathi linqoba kunzima e-Auckland kwiBlues kanti ubedlala futhi lishaywa ngephuzu elilodwa kwiHurricanes khona eNew Zealand.
Lokhu kwenza kube nemibuzo yokuthi kungani uDu Preez engamdlalisi emidlalweni emqoka? Kungani engakuboni lokhu okubonwa yiwona wonke umuntu kuMtawarira? Njengoba isuka esibhaxwini sika 40-10 sivela kwiVodacom Bulls, iSharks izovakashelwa elinye futhi iqembu laseNingizimu Afrika, iDHL Stormers, kusasa ngo-5.05 ntambama, eJonsson Kings Park eThekwini.
“Isinqumo sokushiya phansi umdlalo wombhoxo besinzima kodwa enhliziyweni yami ngiyazi ukuthi bekufanele. Ngifike eqenjini ngimncane nginesifiso sokudlala esigabeni esikhulu kunazo zonke. Ngikutholile lokhu kwiSharks futhi ngiyohlale njalo ngikwazi lokhu enhliziyweni yami,” usho kanje uDaniels osehole iSharks njengokaputeni ibheke ezicocweni ezifana neCurrie Cup ngo-2008 nango2010.
Isikhulu esiphezulu seSharks, UGary Tiechmann, umfisele okuhle kodwa uDaniels kukona konke azogxila kukona uma eseqede inkontileka yakhe neSharks.
Isiyonke imidlalo yeSuper Rugby imi kanje:
Namuhla: Blues v Highlanders (Eden Park, 9.35am); Waratahs v Lions (Allianz Stadium, 11.45am).
Kusasa: Crusaders v Sunwolves (AMI Stadium, 9.35am); Reds v Chiefs (Suncorp Stadium, 11:45am); Bulls v Rebels (Loftus Versfeld, 3.05pm); Sharks v Stormers (Jonsson Kings Park Stadium, 5.15pm).
NgeSonto: Brumbies v Jaguares (GIO Stadium, 8.05am).