UKaizer ukhuza ulaka kubalandeli beChiefs
IZIBHELU zakamuva ezidalwe wukungenami kwabalandeli beKaizer Chiefs zisukumise usihlalo weqembu, uKaizer Motaung, wafongqa isigqoko kubona ebacela ukuthi behlise ulaka ngisho ngabe kwenzekani emdlalweni weNedbank Cup okusasa neFree State Stars eMoses Mbhida Stadium.
UMotaung uthe okuzomjabulisa lapha wukubona izindimbane zabalandeli zithutheleka ngobuningi bazo eMabhida zizokhuthaza iqembu ukuthi lizisondeze nokuqeda isizini kukhona elikuphethe.
Ngaphezu kwalokhu uMotaung uthe kusemqoka ukuthi bonke abalandeli beChiefs bakwazi ukuthi yena nabo bonke abaqashile basazi kahle isimo esibhekene neqembu futhi ubuhlungu obuzwiwa ngabalandeli bufana ncamashi nalubo abazama ukubupholisa njengoba iqembu lingenzi ngendlela bonke abafisa ngayo.
“Sizazi zonke izikhalo zabalandeli futhi sizosukuma. Inkinga wukuthi ngeke senze izinguquko manje ngoba isizini isiyaphela. Ngiyethembisa ukuthi uma kuphela isizini sizokwenza izinguquko ezinqala ukuguqula isimo seqembu,” kusho uMotaung.
“Ngiyacela kubona bonke abalandeli abazobe beseMabhida ukuthi baziphathe ngokuthula nangoxolo njengoba saziwa. Kusekuningi esikudlalelayo ngoba ngaphandle kweNedbank sisengaqeda endaweni engasifaka e-Afrika ngesizini ezayo. Asisihle isimo ngiyazi kodwa ngihlaba ikhwelo kubalandeli ukuthi phansi ulaka. Phansi amaphaphu. Akufanele saziwe njengeqembu elibeka engcupheni impilo yabalandeli balo nabadlali.” Lesi sikhulu sikubalulile ukuthi aseneme ngemiphumela ngakho sikuqonda kahle ukudinwa kwabalandeli kodwa siyazi ukuthi udlame akuyona indlela yokwenza izinto. Akufanele kube nabalandeli abagcina ngokuboshwa esikhundleni sokujabulela umdlalo webhola nakho konke okuza nemiphumela yawo.
UNokuthula Khoza, ongunobhala wabalandeli beChiefs KwaZulu-Natal uthe: “Ngeke simshaye umqeqeshi wethu thina ngoba siqeqeshekile. Asikwenzi thina lokho. Abenza lokho ngabantu abangekho emagatsheni. Siyayazi imigudu okufanele siyilandele. Siyobahlangabeza abadlali futhi ngeke sibashaye ngoba uma sikwenza lokho, sizodlala ngobani?”