Kushiswe indlu nemoto yekhansela
AMAPHOYISA aphenya ngokushiswa komuzi nemoto kwekhansela le-ANC kuMasipala waKwaMhlabuyalingana izolo ezintatha.
Kuthiwa ikhansela ku-ward 17 eManguzi, uMnuz Nhlakanipho Tembe, lisinde ngokulambisa. Yize kungekho ophumela obala ngembangela yokuhlaselwa kukaTembe kodwa kuthiwa umphakathi usuke wabhalela uSomlomo kamasipala ubika ikhansela ukuthi kaliyilethi intuthuko.
Imeya yaKwaMhlabuyalingana, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe kabakasazi isizathu sokuhlaselwa kukaTembe kodwa konke sebekubeke ezithebeni zamaphoyisa. “Esukutholile wukuthi uTembe uzwe kukhala i-alamu emzini wakhe ngokugamanxa kwehora lesithathu ekuseni namuhla (esho izolo) wavuka eyobheka ukuthi kwenzekani wafica ilangabi lomlilo selilikhulu kusha imoto yakhe eyi4x4. Uvuke wathinta omakhelwane bamlekelela ukucisha umlilo obusuwelele ngokushesha kwenye indlu eshe yangqongqa,” kusho uMthethwa.
Uthe umlilo kusale kancane uwelele kwenye indlu obekulele kuyo ikhansela. “Okwamanje angikafuni ukuyamanisa izikhalo zomphakathi nokwenzekile ngoba umphakathi wethu ubungakafiki esigabeni sokushisa imizi yamakhansela ngenxa yokunganeliseki. Incwadi abayiletha emkhandlwini yayinohide lohlu lwezikhalo phakathi kwazo okukhona esithi uTembe akayibizi imihlangano, akabafakeli ugesi, bafuna amanzi nemigwaqo. Ngokwami uTembe ubesazama njengoba likhona ihholo elakhiwe, ugesi sizowufaka maduze.”
UTembe akatholakalanga ukuphawula. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseManguzi ayaphenya.