Bebebulala inyoka kweyeGqom
KUQHILIKA izihlathi kubahleli bomcimbi iGqom in Concert ebisendaweni yokupaka izimoto enxanxatheleni yezitolo iPavilion ngoMgqibelo njengoba abantu betheleke ngobuningi baze badlula esibalweni abebesilindelwe.
Umcimbi bekungokokuqala ukhona. Uqale emini waze waphela ngo-12.30 ebusuku. Ubuhlelwe nguDJ Tira ngokubambisana neqembu legqom’ iDistruction Boyz.
Phambilini uDJ Tira watshela leli phephandaba ukuthi balindele abantu abangu-4 000 kodwa izolo ekuseni uthe kufike abalinganiselwa ku-5 000.
Umcimbi ususongwa iDistruction Boyz ibonge abantu ngokuyeseka.
UDJ Tira uthe: “Igqom’ ifikile. Abantu baseNingizimu Afrika kumele bayibuke ngamanye amehlo, nasemiklomelweni yabaculi. Abantu bayayithanda.”
Uthe bazimisele ngokuwunyusela kwelinye izinga umcimbi ukuze nabaculi bezinye izinhlobo basebenze nabo.
Uthe bazobona ukuthi uzokwenzeka yini kwezinye izindawo umcimbi.
“Obekubalulekile wukuthi siqale siwenze ngempumelelo ekhaya. Inkinga wukuthi kuyabiza ukwenza umcimbi kodwa uma kukhona abafuna sibambisane nabo singakhuluma,” kusho uDJ Tira.
Emcimbini bekuboshelwe uDJ Sbo noFunky Qla, Love Devotion, Dlala Thukzin, Costah Dolla, Boonu obehambisana noMadanon noNtando Duma, Okmalumkoolkat, Kwesta obehamba nodlala isigingci obesishaya kuhlanye izihlwele, DJ Sox, DJ Fesh, Busiswa, Black Motion nabanye. UBabes Wodumo, ongene ohlwini lwabazonandisa ngomzuzu wokugcina, ungene kwahlanya abantu. Uphume abantu basala becula iWololo agcine engayishayanga ngenxa yesikhathi kwazise abaningi bebenikezwe imizuzu engu-15.
UDJ Tira ungene wadlalela uDanger oshaye ingoma yakhe entsha iDangerous, Tipcee, Dladla Mshunqisi, Sphectacula noDJ Naves abebehamba noBeast ngaphambi kokuphuma.
Umcimbi uvalwe yiDistruction Boyz.