Bafuna iChiefs iyotheza phesheya
BAHLUKENE phakathi abalandeli beKaizer Chiefs ngokwesula kukaSteve “Mphathi” Komphela obecija Amakhosi.
UKomphela usule isigubhukane ngemuva kwesigameko sabalandeli abangene ngodli enkundleni befuna ukumudla luhlaza. Kuphoqeleke ukuthi yena nabadlali babalekele emagunjini okushintsha. Abalandeli bacekele phansi impahla kwaphinde kwalimala inqwaba.
IChiefs ibhambabulwe yiFree State Stars ngo 2-0 wamagoli kaHarris Tchilimbou ongqofele enethini amagoli amabili kwisemi final yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.
Ngemuva komdlalo Isolezwe lixoxe nabalandeli beChiefs abebesuka ezindaweni ezahlukene ngokwesula komqeqeshi.
UBheko Shandu oyiphini likasihlalo wabalandei egatsheni laseRichards Bay usamukele isinqumo sikaKomphela.
“Bekungakafiki kimina ukuthi usesulile kodwa uma kungukuthi usulile kuyinto enhle le ayenzile ngoba into eyenzeke enkundleni ayilungile ukuthi abantu bacekele phansi impahla ngenxa yamaphutha enziwa wumqeqeshi. Okwenziwe ngabalandeli bakwenze ngenxa yokudinwa wumphumela womdlalo. Angisho ukuthi okwenziwe ngozakwethu kulungile ngokuthi bacekele impahla baphinde balwe nabanye. Ukudinwa kwabalandeli ngeke ukuvimbe. Ngokwami yinto enhle le eyenziwe nguKomphela. Vele imidlalo emithathu esele ayisasho lutho, nami bengizosula ukube bengiwuyena. Lokhu kuzogwema ezinye izinto ebezizokwenzeka. Siyayithanda iChiefs,” kusho uShandu.
UPetros Rhaveli ongumlandeli weChiefs obesuka egatsheni laseAtteridgeville uyalele iqembu ukuthi libheke umqeqeshi omusha phesheya kwezilwandle.
“Siyabonga kuMdali, siyabonga kuntate Steve. Uhambe kahle. Ngiyazifela ngeKaizer Chiefs futhi angifuni ukuzwa izinhlungu ngenxa yomuntu oyedwa. Ngiyamthanda uSteve nawo wonke umuntu kwiChiefs. Uthathe isinqumo esihle kakhulu. Yinto enhle le ayenzile ngoba manje bese kumele singene siphuma ezibhedlela ngenxa yomuntu oyedwa. Asikuzondi Steve kodwa inkinga yakho wukuthi awukwazi ukuhlanganisa abadlali. Njengamanje akekho umqeqeshi olungele ukucija iChiefs lapha eNingizimu Afrika. Kumele izikhulu zeqembu ziye kotheza ngaphandle. Abadlali sinabo kodwa badinga umuntu ozobahlanganisa. Sibophele oLeonardo Castro noSiphelele Ntshangase. Sikhokha imali yethu ukuzobuka leli qembu. USteve kumele engabe kade asula, iminyaka emithathu akanaso isikimu sakhe asethembile?” kusho uRhaveli.
Kusasa ngo-7.30 ebusuku, iChiefs izodudulana neLamontville Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Ngemuva kwalokho izodudulana neMaritzburg United bese ivala isizini ne-Ajax Cape Town.
UKhofi Mathonsi waseClermont ubabaze isibindi sikaKomphela.
“Ukwesula kukaSteve akuzona izindaba ezimnandi kimina. Singabalandeli le nto besiyithatha ngendlela ehlukile. Ngokwami abalandeli abazange bayithathe kahle le nto. Abadlali yibona abangena enkundleni benze umsebenzi hhayi uSteve. Laba badlali bathengwe yizikhulu. Ukwesula kwakhe naye kuzomkhulula. Ukwesula kwakhe angikuboni kuyinto enhle. Angikaze ngimbone umuntu oqine kanje. Uma wonke umuntu engaqina ngokomqondo njengoSteve angaphumelela. Bese kusele kancane izinto zakhe zihlangane,” kusho uMathonsi.
UPatrick Mabedi nguyena okulindeleke ukuthi athathe izintambo kule midlalo emithathu esele. UMabedi ubeyiphini likaKomphela.