Uchitha eZimnyama kowesicoco seligi
INGWAZI yomdlali weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uStanton “Stiga” Fredericks, ithipha iMamelodi Sundowns embangweni wesicoco se-Absa Premiership.
UFredericks ukwazi kahle ukuba sembangweni wesicoco seligi. Ngo-2003/2004 wayeseqenjini laMakhosi elamuka nesicoco seligi kusekhona uTed Dumitru ongasekho emhlabeni. ISundowns izihola phambili ngamaphuzu ayisithupha esicongweni.
UFredericks utshele leli phephandaba ngemuva komdlalo woSuthu ne-Orlando Pirates eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ukuthi eZimnyama ngeke zilibone elidlalayo kuBafana Ba Style embangweni wesicoco seligi.
“Njengoba sekusele imidlalo emithathu kuphele isizini, angicabangi ukuthi iPirates izokwazi ukubamba iSundowns kodwa ngesizini ezayo izokufaka ukushisa embangweni wesicoco. ISundowns inenkululeko eningi esicongweni kanti inomgqigqo nesikwati sabadlali esiqinile ukuthi ingashibilika embangweni. Izinga labadlali ebabophele nesipiliyoni yikona okwenza bahluke emaqenjini ababanga nawo,” kusho uFredericks echitha eZimnyama embangweni wesicoco seligi.
I-Pirates sekuphele iminyaka emine yagcina ukuhlabana ngesicoco. Yagcina ukuphakamisa isicoco ngesikhathi imuka neNedbank Cup ngo-2014.
“Ukuvuka kwePirates akuyona yinto evele yenzeka ngokuphazima kweso. I-Pirates yenze inqwaba yezinguquko. Ichithe inqwaba yabadlali abese bengayenzeli lutho. Yakhe iqembu elidle ngokusebenza ngokuzikhandla kwazise ayisekho indawo yabadlali abadlalela ukugqama. Lokhu ukubona kusuka kubaphathi kuze kufinyelele ezansi kubadlali. Banohlelo oluqondile lokudlala. Bafake umqondo wokudlala ibhola eliya phambili,” kusho uFredericks.
I-Pirates izobhekana neBidvest Wits, Cape Town City neFree State Stars emidlalweni yayo yokugcina kanti iSundowns izotholana neMaritzburg United, Ajax Cape Town neBloemfontein Celtic.