AbeFFRET baphinde bamisa umsebenzi
PHEZU kokuba umacaphunakusale waseThekwini, uMnuz Vivian Reddy, ethole incwadi yasenkantolo evimbela amalungu eFederationa for Radical Economic Transformation (FFRET) ukuba amise ukusebenza ezindaweni zakhe ezintathu kodwa amalungu eFFRET aqhubekile izolo amisa umsebenzi endaweni yakhe eseMhlanga.
Izolo bebungekho ubuholi obuphezulu beFFRET kodwa uMnuz Mduduzi “Gadaffi” Sibiya, weDelangokubona Business Forum, uthe bamise umsebenzi ngoba uReddy wayethembise osonkontileka abancane u-30% womsebenzi kodwa abawutholanga.
NgoLwesithathu amalungu eFFRET agasele ezindaweni zikaReddy ezintathu. Eyokuqala eKwaDukuza, lapho akha khona inxanxathela yezitolo; eseNanda lapho akha khona isibhedlela neseMhlanga lapho akha khona i-Oceans okuyindawo ezoba nezindlu zokuhlala nehhotela iRadisson Blu.
NgoLwesine, izinkampani zikaReddy i-Oceans Umhlanga, Double Ring Seven Trading ne-Edison Power Group zinikwe incwadi evimbela izinhlangano zosomabhizinisi abafuna umsebenzi ngenkani ukuthi bamise umsebenzi wazo.
Incwadi yasenkantolo iyalele iFFRET, Delangokubona Business Forum, oMnuz Robert Ndlela, Malusi Zondi, Mkhe Zungu, Sifiso Mkhwanazi, Bonga Shongwe, Sibusiso Mnyandu noPhakama Nhassengo ukuthi bayeke ukugasela ezindaweni zikaReddy ngoba bazoboshwa.
Akufanele basabise abasebenzi, osonkontileka nezinye izinkampani ezisebenza ezinhlelweni zentuthuko kaReddy futhi kufanele bakhokhe izindleko zasenkantolo.
IGroup Corporate Affairs & Chief of Staff e-Edison Power Group & Property Group, uMnuz Brian Mpono, uthe umsebenzi ubuqhubeka njengokujwayelekile izolo.
Uthe bakhona abazame ukumisa umsebenzi kodwa abazange baphumelele ngenxa yokuthi inkantolo isiwukhiphile umyalelo wokuthi makungaphazanyiswa lutho.
UMnuz Malusi Zondi, onguNobhala weFFRET, uthe bayazi ukuthi uReddy uye enkantolo futhi nabo bazomfaka enkantolo ngoba bakhathele wukwenziwa izilima.
Uthe abafuni uReddy asebenzise igama labo ukuheha abatshalizimali ngoba bayazivala izindawo zosomabhizinisi abangabaqashi abantu bendawo nosomabhizinisi bendawo.
Izolo uReddy uthe udaba lokumiswa komsebenzi seluphethwe ngosonkontileka abasebenzela ezindaweni zakhe.