‘UKomphela usebenzile kwiChiefs’
YIZE bekuhlale kunezikhalo ngohlobo lwabadlali beKaizer Chiefs ibuholwa nguSteve “Mphathi” Komphela kodwa isikhulu seqembu, uBobby Motaung, uthi bekungesiyona inhloso yabo ukuthi umqeqeshi ahluleke.
UKomphela usule ngempelasonto ngemuva kokubhaxabulwa yiFree State Stars ngo 2-0 emdlalweni we-semi final yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ukwenze lokho ngemuva kwezidubedube ezisuke ngemuva komdlalo lapho abalandeli bevukwe wubulwane bangena enkundleni befuna ukumudla luhlaza. Babulale impahla baphinde balimaza onogada.
Exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo ngesikhathi ememezela ukwesula kukaKomphela, uMotaung uthe bekungeyona inhloso yabo ukuthi uKomphela ahluleke yize bengazange bamsayinele abadlali abaseqophelweni eliphezulu njengoba bebefisa.
Kuqeqesha uKomphela iChiefs isayinise abadlali abafana noBongani “Drogba” Ndulula, Suva Matovu, Mitchelle Katsvairo, Lewis Macha, Siphelele Mthembu, Edward Manqele no-Enocent Mkhabela.
“Ngicabanga ukuthi kumele sisukume samukele inselelo namaqiniso. Siyiqembu iChiefs sisukumile salwela ukufeza izinhloso nemigomo yeqembu. Siyakholwa wukuthi ngesikhathi siqasha uSteve Komphela kwakungesikona ukuthi sizombulala noma sasinezinhlelo zokuthi ahluleke. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu ocabanga kahle futhi olaziyo ibhola, uzobona ukuthi uSteve wenze umsebenzi omuhle kwiChiefs. Wakhe iqembu ngebhadi-ke uma kusuke kungavumi ngalelo langa noma ngaleyo minyaka kusuke kungavumi,” kusho uMotaung.
Abadlali abaseqophelweni eliphezulu abasayiniswe yiChiefs kuqeqesha uKomphela kube nguSiphelele “Stashi” Ntshangase, Leonardo Castro, Kabelo Mahlasela, Siyanda Xulu, Ramahlwe Mphahlele noSibusiso Khumalo.
“Ngiyaqala ukuza esithangameni nabezindaba ngemuva komdlalo. Isenzo sabalandeli kasihambisani naso, abakwenzile akwamukelekile. Wonke umuntu uyakwazi okwamukelekile. Ngeke ngibabize ngeziwengu noma okunye okuyela ngalapho. Bebediniwe kodwa isenzo sabo kasamukelekile. Ukuze siqinisekise ukuphepha sithathe isinqumo sokuthi umqeqeshi asule. Bekumele sithathe isinqumo. Lokho akusho ukuthi sesiyizitha. Akacasukile (uKomphela) kodwa yisimo esiphoqe ukuthi sithathe isinqumo ngokuphazima kweso,” kusho uMotaung.
Namuhla ngo-7.30 ebusuku, iChiefs izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.