Ithemba kubalandeli beSharks ngokufinyelela kuma-Play Off
UKUNQOBA kweCell C Sharks kwiDHL Stormers kubuyisele ithemba ebese lilahlekile kubalandeli beqembu laseThekwini ngokufinyelela kuma-Play Off eVodacom Super Rugby kule sizini.
Kule mpelasonto iSharks ayidlali kodwa izophumula ikhululekile njengoba ivule igebe (yize lingelikhulu) kwabayilandelayo eqoqweni laseNingizimu Afrika.
Ngemuva kwalokhu kuwina kumaStormers nomqeqeshi weSharks uRobert du Preez usekwazi nokuphumela obala avume amaphutha awenzile ngasekuqaleni kwalo mqhudelwano. Ukunqoba umdlalo omkhulu futhi omqoka kumaStormers kwenze iSharks yasala ngamaphuzu amabili kwiVodacom Bulls esendaweni yesibili.
I-Emirates Airlines Lions izihambela yodwa eqoqweni lakuleli okwenza umbango omkhulu ube phakathi kweSharks neBulls kubangwa indawo yesibili.
“Siwulungele umbango wokuzibekisela indawo ezingeni elizokwenza abalandeli bethu bazishaye isifuba ngathi. Engikubonayo lapha ukuthi iphutha kungenzeka libe ngakithina. Sibajimise kakhulu abafana ngaphambi komdlalo weBulls. Sikwenza lokhu nje, abafana babuya e-Australia naseNew Zealand lapho behlale khona amasonto amane. Sikukhohliwe ukuthi ukubuyisela umqondo nomzimba kulokhu okujwayele kuthatha isikhathi. Sikhulile manje. Singaya nxa zonke kodwa emuva yilapho singeke siye khona. Sifunde ukuthi okubalulekile ukuthi abadlali baphumule. Lokhu esikwenze kumaStormers kumele siqhubeke ngakho uma singeke sikwenze kube ngcono,” kusho lo mqeqeshi sakuzethemba.
Akuhambi kahle kumaStormers aseze eqiwa yiJaguares yase-Argentina kuleli qoqo okufanele kuphume kulona ababili abazolimela emidlalweni yomkhumulajezi. ISharks isele ngephuzu elilodwa kwiBulls kodwa leli qembu lasePitoli linomdlalo owodwa elisele ngawo. Liwudlala kule mpelasonto neHighlanders ngoMgqibelo ngo-5 ntambama, eLoftus Versveld.