Ngeke siyizele ngobuso iChiefs: Larsen
IZIBHELU okukhulunywa ngazo kuzona zonke izinkundla zezindaba ngomonakalo owenzeke eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, azimphazamisi uClinton Larsen ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows.
Abafana Bes’thende bazodudulana neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership namuhla ngo-7.30 ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Abalandeli, okuthiwa abeChiefs, bangene enkundleni badala umonakalo obalelwa ezinkulungwaneni ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi iqembu liphuma kwiNedbank Cup. Abalandeli abebelwa lapha abalimaze nonogada, kuthiwa bebecasulwa obengumqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela, ogcine esulile ngemuva komdlalo.
Kwenzeka konke lokhu i-Arrows inomdlalo onzima neChiefs. Ngalo mdlalo i-Arrows inethuba lokuzisondeza neTop 8 ngesikhathi esifanayo ibalekele ukubalwa nabasengozini yezembe ngokusho kukaLarsen.
“Siyakwazi obekufanele sikwenze. Sigxile ekulungiseni konke obekufanele sikulungise. IChiefs ngeke iphenduke iqembu elibhedayo ngomdlalo owodwa. Akufanele siyiyele ngobuso ngoba sithi inezinkinga. Okokuqala nje ukuthi maningi amathuba okuthi sishintshe isikimu. Uma kwenzeka lokho uyacabanga ukuthi laba badlali abazonikwa ithuba bazokwenzani ukuziveza?” kubuza uLarsen.
NgokukaLarsen isimo asikho mnandi kusukela kwiChippa United ehleli kunombolo 7 ngamaphuzu angu-34 ngemuva kwemidlalo engu-27 okusho ukuthi kusele emithathu.
“Asihleli kahle sibaningi. Kusukela kwiChippa kuya phansi sisesimeni esifanayo. Umdlalo weChiefs usinika ithuba lokusuka kule ndawo sisenesikhathi. Uma sikwenza lokho sizozivulela ithuba lokuthi umdlalo wePlatinum Stars ekhaya ngempelasonto kube owokuzama okunye esingakuzama. Inhloso ukusheshe siphume lapha singene kwiTop 8 namanje engicabanga sisenalo ithuba lokuqeda kuyona,” kusho uLarsen.
Kulo mdlalo iChiefs kulindeleke ukuthi iholwe nguPatrick Mabedi obeyiphini likaKomphela.
Akusekho okusengazuzwa yiChiefs kule sizini njengoba iphume kwiNedbank Cup. Sekuphele iminyaka emine iChiefs ingafakanga lutho ekhabetheni layo lezindebe okuyirekhodi elisha kodwa elibi kuMakhosi.