Ubephila nawo wonke umuntu uBheka Phakathi
UHLULEKILE ukuzibamba wakhihla esikaNandi uSibusiso Msomi obesondelene nengwazi yeLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates uBheka Phakathi ngesikhathi echaza ngokudlula kwakhe emhlabeni.
UPhakathi (43) ushone izolo engozini yemoto ngesikhathi ehamba nabangani bakhe ababili ngakubo eGreytown.
Isolezwe lihambele umndeni kaPhakathi eLamontville kodwa lafika unkosikazi wakhe namanye amalungu omndeni bengekho. Kuthiwa bebesaye endaweni yesigameko.
Ngemuva kwalokho libe selikhuluma namalungu omphakathi. UMsomi obesiza uPhakathi ngokumenzela igceke nokumwashela izimoto zakhe, umchaze njengomuntu obengazithwele.
“Angazi mfowethu ngingakuqalela kuphi. Umlisa (Phakathi) ngikhuliswe nguyena mina. Ngimngaka futhi nginjena nje kungenxa yamandla akhe. Ubemdala kodwa ubekwazi ukuphila nabantu abasebancane. Ubephila nawo wonke umuntu walapha emphakathini. Ubengazithwele. Ubungeke usho ukuthi unomuzi omkhulu futhi unemali. Imina, uLuyanda noSiya (Dube osegijima eqenjini elikhulu le-Arrows) sikhuliswe uyena njengoba besidlala ibhola. Ngeke uze ungitshele mina ngoBheka. Umalume bengimazi ingaphakathi lakhe uma engekho esimeni esihle,” kusho uMsomi.
UPhakathi ushone esecija iqembu eligijima ku-ABC Motsepe League, uMvoti FC.
“Angazi mfethu ngingaqala kuphi ngigcine kuphi. Angikakholwa ukuthi akasekho ngempela emhlabeni. Ngisho nangesikhathi ngivuka ekuseni angizange ngikholwe. Namanje angikholwa. Ngeke ungitshele ngezingane zalapha. Unkosikazi wakhe ubefana no-anti kimina ngoba siyizihlobo. Ngishayeke kakhulu ngoba umalume bengisondelene naye. Ayikho into ebengingayikhulumi naye,” kusho uMsomi.
Ubungabuzi ukuthi yikuphi kwakhe kwazise ubudonswa yizimoto eziningi ebezipake eduze kwesithabathaba somuzi.
I-Arrows ayizange isale ngaphandle kwababhonge emswaneni ngokudlula emhlabeni kukaPhakathi. Leli qembu likhiphe isitatimende ekhasini kuTwitter lidlulisa amazwi enduduzo emndenini.