Inkohlakalo kubaphenyi benkohlakalo
MHLELI: Ngisukunyiswa yinkohlakalo engiyibona ophikweni lwezoBuqotho nokuPhenya iNkohlakalo (City Integrity and Investigations Unit) kuMasipala weTheku.
Esikhundleni sokuthi iphenywe inkohlakalo, iqhutshelwa phambili. Okuqeda amandla wukuthi lokhu kwenziwa ngabaphathi. Indaba yonakala kakhulu ekuqasheni abasebenzi njengoba kulandwa izintombi, yizihlobo nabangani. Abantu abasanda kuqashwa kulolu phiko bavela eMnyangweni kaMngcinimafa KwaZulu-Natal nasebhange Ithala ngoba abaphathi bebesebenza khona. Ayikho into ephambene nomthetho uma umphathi azi abantu abazi umsebenzi bese eyabaqasha ngokwamagalelo abo. Kodwa akulungile uma sekuzobuthwa wonke umuntu ngoba azana nomphathi.
Abanye abaqashiwe abanazo iziqu zokwenza imisebenzi abayiqashelwe - okuyinto ephambene nezimiso zomgcinimafa. Kwezobuchwepheshe (ITC) kunomuntu onesikhundla ongenamava alo msebenzi, akakwazi ngisho ukuthumela i-email. Isikhulu esikwaadministration kasazi lutho ngomsebenzi esiwuqashelwe ngoba besiwu-teller ebhange. Asinazicucu zolo msebenzi. Okubuhlungu wukuthi kucindezelwa abawaziyo umsebenzi. Abasebenzi bayazikhandla bephenya inkohlakalo kodwa abaphathi balahle imibiko yabo. Imibiko ngamacala athinta abazana nabo ifakwa emgqonyeni kadoti. Kwenzeka konke lokhu nje, bakhona abaholi abajutshwe wumphakathi ngamavoti ukuba babe yiso lawo kodwa bayazibukela nje. Ujike ungabe usazi noma kwabona abaphathi bahlangene nabo abaholi kuxhashazwa imali nezinsizakusebenza zomphakathi.
Ngiyacela abaholi abasenonembeza nezintatheli bayibhekisise le nto.