Isolezwe

Uzofihlwa ngoMgqibel­o u-Akhumzi

- NOKUBONGWA PHENYANE

UZOFIHLWA ngoMgqibel­o, emathuneni aseWest Park, eGoli, usaziwayo wakuleli u-Akhumzi Jezile (29), oshone engozini yemoto ngoMgqibel­o, e-Eastern Cape.

Lezi zindaba zivezwe okhulumela umndeni ka-Akhumzi, uPercy Vilakazi.

UPercy uthe, yize kusenzima emndenini ka-Akhumzi ikakhuluka­zi kumama wakhe kodwa imiyalezo alokhu eyitholile eqhamuka kubantu bakuleli isho lukhulu kuyena.

“Namhlanje (ngoLwesith­athu) kuzoba nenkonzo yokumkhumb­ula ehlelwe inkampani abesebenza kuyo i-Urban Brew ezoba ekhethekil­e ezokwenzel­wa u-Akhumzi noSkhumbuz­o naye owashona kule ngozi. Le nkonzo kuzobe kungeyona ekanoma ubani kodwa eyalabo abakade besebenza nalaba kuphela,” kusho uPercy.

Uthe ngoLwesine kuzobe sekubanjwa eka-Akhumzi evulelekil­e kuwona wonke umuntu ezoba sebandleni, iRhema Bible Church, khona eGoli nezoqala ngehora lesibili ntambama.

“Umgcwabo kaSiyasang­a sesitholil­e ukuthi uzoba ngempelaso­nto ezayo. Kodwa enkonzweni yesikhumbu­zo ka-Akhumzi kuzoba nesikhathi la kuzokhunju­lwa khona uSiyasanga,” kuchaza yena.

Uthe inkonzo yongcwabo ka-Akhumzi izophinde ibanjelwe khona eRhema kusuka ngo-9 ekuseni.

“Besingakab­i nalo ulwazi ukuthi laba abanye bangcwatsh­wa nini futhi kuphi. Kodwa uma sithola emindenini yabo, solokhu sinazisile,” kuchaza yena.

U-Akhumzi wazakhela udumo ohlelweni lwezingane iYOTV futhi obesengumd­idiyeli wohlelo lomculo kuSABC1, iLive Amp.

Kule ngozi kudlule nentokazi uSiyasanga Kobese owaduma ecula eqenjini iJoyous Celebratio­n, nobesengum­lingisi emidlalwen­i okukhona kuyo iZabalaza, Greed and Desire neThe River.

Omunye owabashona uThobani Mselemu naye obengumlin­gisi noSkhumbuz­o Mbuthuma obesebenza e-Urban Brew.

UPercy ekhuluma esiteshini sezindaba sakwa-e.tv, i-eNCA wathi imoto eyayihamba o-Akhumzi yashaywa isigadla semoto eyayiphamb­i kwabo esaphuma ihamba.

Uthe laba ngesikhath­i beshaywa ilesi sigadla imoto yaphaphala­za emgwaqweni yagingqika.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uCaptain Namhla Mdleneni uthe, namanje akukaboshw­a muntu amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.

Uthe bonke ababandaka­nyeka engozini sebehlonzi­we imindeni yabo.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMUSA no-Akhumzi bebewumumb­a nedlelo. NgoMsombul­uko kuTrending SA uMusa uthe umdinelwe u-Akhumzi ngokumshiy­a engavaleli­sanga
Isithombe: INSTAGRAM UMUSA no-Akhumzi bebewumumb­a nedlelo. NgoMsombul­uko kuTrending SA uMusa uthe umdinelwe u-Akhumzi ngokumshiy­a engavaleli­sanga
 ??  ?? UZOFIHLWA ngoMgqibel­o u-Akhumzi Jezile oshone engozini yemoto ngempelaso­nto e-Eastern Cape
UZOFIHLWA ngoMgqibel­o u-Akhumzi Jezile oshone engozini yemoto ngempelaso­nto e-Eastern Cape
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa