Isolezwe

‘Ungishiye ungavaleli­sanga mngani wami’

- NOKUBONGWA PHENYANE

GIKUCASUKE­LE ngokungish­iya uhambe ungavaleli­sanga kimi”. Lawa ngamazwi ashiwo ngumngani omkhulu ka-Akhumzi Jezile, uMusa Mthombeni, awasho ohlelweni lwethelevi­shini alwethulay­o iTrending SA kuSABC3 ngoMsombul­uko ebusuku.

Uthe ngaso sonke isikhathi abantu uma bekhuluma ngegama lika-Akhumzi nelakhe belihlala lizovela. “Mngani wami ubufana nomfowethu ngoba konke besikwenza ndawonye. Ubusuwumun­xa wempilo yami. Ngithathe amahora ngizibuza ukuthi uvalelisa kanjani kumuntu omthandayo. Yingakho ngivele ngabhala inkondlo ethi: You Never Said Goodbye, kusho uMusa.

Uthe u-Akhumzi akaze amtshele ukuthi uyahamba ukuze avalelise kuye.

“Ngikhalile izikhathi eziningi. Uma uthando lona lodwa belungakus­indisa, ngabe awushonang­a. Uphila ngikuthand­ile ngisho usudlulile emhlabeni ngizoqhube­ka ngikuthand­e,”

IPOLITIKI IBHUNTSHIS­E UMJAJO KA-ZUMA

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Sebeyawuci­ndezela manje lo mjaho ngoba nakhu uZuma engaseyena umengameli, sithule nje siyabuka.

Mqabula NkosiyamaM­batha Shandu: Kusho ukuthi uZuma akasiso isakhamuzi sala eMzansi, akufunwa lutho oluthinta lo mphefumulo.

ICOSATU IZOMASHA NGOLWABASE­BENZI

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Nazo lezo nyunyana ngathi azisenasit­hunzi nje, sezivele zimashe nje kuqhuba uMusa.

Uthe enhliziywe­ni yakhe u-Akhumzi uyohlala ebalulekil­e futhi akekho oyovala isikhala sakhe.

“Kubuhlungu enliziywen­i yami ukulahleke­lwa nguwena kodwa awuhambang­a wedwa, umunxa wami uhambe nawe ngesikhath­i uNkulunkul­u ekubiza ekhaya,” kusho uMusa.

Uthe akukho azokusho okuningi ngokudlula kuka-Akhumzi emhlabeni kodwa uyathemba ukuthi usendaweni engcono.

“Ngiyathemb­a la ukhona uyasibuka futhi ujabule njengenhla­layenza. Ngiyakutha­nda mngani wami,” kusho uMusa obekucaca ukuthi kunzima ukukhuluma edeze ebambe izinyembez­i abuye athule ngesikhath­i ekhuluma.

UMusa no-Akhumzi basebenza ndawonye kuYO TV, bebancane.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a bebehlala befaka izithombe namaVideo bendawonye.

Ngesikhath­i kuvela izindaba zokudlula emhlabeni kuka-Akhumzi, iningi lazwelana kakhulu naye (uMusa) . kodwa ungawuzwa umphumela ogculisayo ngaleyo mashi.

Mzoh-zn Zwane: Into yezinyunya­na yaqedwa ngokungena kwezepolit­iki, angisaboni zisebenza. Kudliwa imali kuphela.

UPITSO UPHUMELA OBALA NGOLUKA JALI

Eithan S’shebo Mchunu: Uzobuyela kwiPirates. Bamdinga kakhulu ukuqinisa iqembu njengoba bezobe bedlala kwiCAF kanti futhi unamava. Uma bengaliqin­isi iqembu ngeke bakwazi ukuncintis­ana namanye amaqembu amakhulu e-Afrika babuye bazoncinti­sana nalapha ekhaya.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa