Isolezwe

Ingane idubule enye zidlala ngesibhamu

- NOKUBONGWA PHENYANE

IBHEKENE necala lokuzama ukubulala ingane eneminyaka eyisikhomb­isa edubule enye yakwamakhe­lwane eneminyaka engu-11, zibanga isibhamu sikamkhulu wayo, ngoLwesine endaweni yaKwaMaviy­o, eManguzi.

Lesi sigameko, esishiye umkhulu wale ngane esangene, senzeke kulo muzi izingane zisele zodwa zidlala egcekeni.

Umkhulu wale ngane uthi namanje usathukile njengoba ebengacaba­ngi ukuthi umzukulu wakhe usengenza into efana nalena.

Umkhulu, ongeke adalulwe ukuze kuvikelwe ingane, ongumnikaz­i wesibhamu, uthi ufike ekhaya izingane sezidubule­ne njengoba yena ebengekho zisele zodwa.

“Isibhamu esami sihlala ekhabethen­i engifihla kulo izinto ezibalulek­ile futhi kuyakhiywa. Umzukulu lo ngihlala ngimkhiphe­la imali yokuthi aphathe esikoleni bese uma esehambile ngisifihle isikhiye. Usuku nosuku ngihlala ngihamba naye uma ngiyovula,” kusho umkhulu.

Uthe kuyacaca ukuthi umzukulu wakhe wake wabona lapho ebeka khona ukhiye njengoba ekwazile ukuwuthola wavula ikhabethe.

“Uma esho uthi ngesikhath­i bedlala bakhulume ngezibhamu abahlala bezibona kuthelevis­hini kulawa mafilimu abahlale bewabuka. Bathi laba abanye umzukulu ube esesho ukuthi mina nginesibha­mu base bemyalela ukuthi akahambe ayosilanda la sihlala khona ukuze basibone,” kuchaza yena.

Uthe ngesikhath­i ebuya naso lona odubulekil­e kuvela ukuthi ubesesitha­tha efuna ukusiphath­a yena.

“Umzukulu kuthiwa ubengafuni ukumnikeza sona. Ngesikhath­i besibanga kula kuvele ukuthi siqhumile kwase kudubuleka lona omdala. Siyabonga ukuthi akonakalan­ga kakhulu kodwa okwenzekil­e kusethusil­e impela,” kuchaza yena.

Uthe lo odubulekil­e uyelulama esibhedlel­a njengoba eshayeke ngasekhwap­heni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi akukaboshw­a muntu.

“Kuphenywa icala lokuzama ukubulala,” kusho uZwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa