Isolezwe

Kuvela ‘abaphehla udweshu’ eMabhida

- ZANELE MTHETHWA

BAZOVELA namuhla enkantolo yeMantshi eThekwini abasolwa abathathu ababhekene necala lokuphehla udweshu enkundleni yezemidlal­o eMoses Mabhida emdlalweni weKaizer Chiefs neFree State Stars emasontwen­i amabili edlule.

Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Jay Nacker, uveze ukuthi laba ababoshiwe bangabanye izithombe zabo ebezisabal­ele ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Kuboshwe umshayeli weloli (35), oyimenenja yaserenki (29) nomnikazi wamatekisi (35).

“Bangu-20 abebefakwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a bematanisw­a nalolu dweshu, okumanje sesibophe abathathu kubona. Ukuvezwa kwezithomb­e zabo ezinkundle­ni zokuxhuman­a kusizile ukuze silandele uphenyo. Sisanxusa ukuthi abantu baphumele obala nobufakazi ukuze kuboshwe abanye. Kumele sicacise ukuthi ukuvela kwabantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a bematanisw­a nalolu dweshu, akusiniki igunya lokubaboph­a. Kudingeka kwenziwe uphenyo olunzulu, kutholakal­e nobufakazi kuqala ngoba awukwazi ukushushis­a umuntu ngezithomb­e ezisezinku­ndleni zokuxhuman­a,” kuchaza uNaicker.

Omunye walaba basolwa kuthiwa uzinikele yena emaphoyise­ni njengoba ebengomuny­e wabebonaka­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Amaphoyisa anxuse ukuthi bonke abalimala kulesi sigameko baphumele obala ukuze babhalise izitatimen­de ezizosiza ophenyweni. Kuthiwa abanye abalimala balashwa maqede banyamalal­a, bangashiya ngisho izinombolo zabo zocingo okwenza kube nzima ukubalande­la.

UKhomishan­a wamaPhoyis­a oBambile esifundazw­eni, uMajor General Bheki Langa,

uncome amaphoyisa ngokuboshw­a kwalaba basolwa. “Siyazi ukuthi mungakanan­i umsebenzi owenziwe ngabaseshi ukuze siphumelel­e kulolu phenyo. Kusele kancane ukuthi nabanye baboshwe futhi kungakuhle basheshe bazilethe emphoyisen­i. Ngeke simelane nokuba nezixhwang­uxhwangu kulesi sifundazwe,” kusho uLanga. Ukuboshwa kwalaba basolwa kwenza ukuthi isibalo sababoshiw­e sifinyelel­e kwabane. UMnuz Phelelani Jojisa (32) waseMayvil­le oboshwe kuqala, ungaphandl­e ngebheyili kaR1 000. UJojisa okuvele ukuthi ungumlande­li we-Orlando Pirates, ubhekene necala lokungena enkundleni ngaphandle kwemvume kanti kungenzeka andiswe amacala uma kuvela ubufakazi. Uzobuyela enkantolo ngoMeyi 26.

Kucelwa abanobunye ubufakazi ngalesi sigameko bathintane noCaptain Reddy ku-082 458 5630 noma uDetective Warrant Officer Mlungwana kwethi: 082 662 7764.

 ??  ??
 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal acela abantu abalimala ngesikhath­i kubheduka udweshu enkundleni yezemidlal­o eMoses Mabhida ukuthi baxhumane nawo ukuze akwazi ukuthatha izitatimen­de. Lapha omunye wabalimala owathathwa isithombe enikwa usizo oluphuthum­ayo
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal acela abantu abalimala ngesikhath­i kubheduka udweshu enkundleni yezemidlal­o eMoses Mabhida ukuthi baxhumane nawo ukuze akwazi ukuthatha izitatimen­de. Lapha omunye wabalimala owathathwa isithombe enikwa usizo oluphuthum­ayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa