Kuvela ‘abaphehla udweshu’ eMabhida
BAZOVELA namuhla enkantolo yeMantshi eThekwini abasolwa abathathu ababhekene necala lokuphehla udweshu enkundleni yezemidlalo eMoses Mabhida emdlalweni weKaizer Chiefs neFree State Stars emasontweni amabili edlule.
Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Jay Nacker, uveze ukuthi laba ababoshiwe bangabanye izithombe zabo ebezisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Kuboshwe umshayeli weloli (35), oyimenenja yaserenki (29) nomnikazi wamatekisi (35).
“Bangu-20 abebefakwe ezinkundleni zokuxhumana bemataniswa nalolu dweshu, okumanje sesibophe abathathu kubona. Ukuvezwa kwezithombe zabo ezinkundleni zokuxhumana kusizile ukuze silandele uphenyo. Sisanxusa ukuthi abantu baphumele obala nobufakazi ukuze kuboshwe abanye. Kumele sicacise ukuthi ukuvela kwabantu ezinkundleni zokuxhumana bemataniswa nalolu dweshu, akusiniki igunya lokubabopha. Kudingeka kwenziwe uphenyo olunzulu, kutholakale nobufakazi kuqala ngoba awukwazi ukushushisa umuntu ngezithombe ezisezinkundleni zokuxhumana,” kuchaza uNaicker.
Omunye walaba basolwa kuthiwa uzinikele yena emaphoyiseni njengoba ebengomunye wabebonakala ezinkundleni zokuxhumana.
Amaphoyisa anxuse ukuthi bonke abalimala kulesi sigameko baphumele obala ukuze babhalise izitatimende ezizosiza ophenyweni. Kuthiwa abanye abalimala balashwa maqede banyamalala, bangashiya ngisho izinombolo zabo zocingo okwenza kube nzima ukubalandela.
UKhomishana wamaPhoyisa oBambile esifundazweni, uMajor General Bheki Langa,
uncome amaphoyisa ngokuboshwa kwalaba basolwa. “Siyazi ukuthi mungakanani umsebenzi owenziwe ngabaseshi ukuze siphumelele kulolu phenyo. Kusele kancane ukuthi nabanye baboshwe futhi kungakuhle basheshe bazilethe emphoyiseni. Ngeke simelane nokuba nezixhwanguxhwangu kulesi sifundazwe,” kusho uLanga. Ukuboshwa kwalaba basolwa kwenza ukuthi isibalo sababoshiwe sifinyelele kwabane. UMnuz Phelelani Jojisa (32) waseMayville oboshwe kuqala, ungaphandle ngebheyili kaR1 000. UJojisa okuvele ukuthi ungumlandeli we-Orlando Pirates, ubhekene necala lokungena enkundleni ngaphandle kwemvume kanti kungenzeka andiswe amacala uma kuvela ubufakazi. Uzobuyela enkantolo ngoMeyi 26.
Kucelwa abanobunye ubufakazi ngalesi sigameko bathintane noCaptain Reddy ku-082 458 5630 noma uDetective Warrant Officer Mlungwana kwethi: 082 662 7764.