Isolezwe

Intukuthel­o bengaholi othisha bakwaGrade R

- MHLENGI SHANGASE

ZIYAVEVA izinyunyan­a zothisha KwaZuluNat­al ngokungaho­lelwa kothisha bakwaGrade R umholo wangenyang­a edlule.

Izinyunyan­a zizwakalis­e ukushaqeka ngokungakh­okhelwa kwalabo thisha ekubeni bezihlange­ne nomnyango ngeledlule.

INatu ithi izobhikish­a ngaphandle kwesiShaya­mthetho saKwaZulu-Natal, eMgungundl­ovu, kusasa uma uNgqongqos­he wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane esethula isabelo sezimali salo nyaka.

ISadtu yona ithi ukungakhok­helwa kwabaseben­zi yizinkomba zokuthi umnyango uyawa.

UNksz Nomarashiy­a Caluza, uNobhala weSadtu, uthe umnyango utshengisa umphakathi ukuthi awubakhath­elele abasebenzi bawo ikakhulu othisha bakwaGrade R.

Uthe umnyango usuphake impi ngokubukel­a phansi othisha bakwaGrade R.

“Awuyiphaki­le impi kulabo thisha kuphela kodwa kubona bonke abasebenzi. Ngeke umnyango ugxeke izikole ngoba siyazi othishanhl­oko bahambisa zonke izimfanelo ngesikhath­i. Siqinisa umkhankaso wethu ngoba sike sakhuluma nabo ngoba sifuna ukuthi bakhokhelw­e ngokushesh­a. Sifuna bakhokhelw­e ungakashay­i uLwesine,” kusho uNksz Caluza.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe uDlungwane wabethembi­sa ngeledlule ukuthi uyazilungi­sa zonke izinkinga zamaholo namabhonas­i alabo thisha.

Uthe babalelwa ku-6 000 othisha abathintek­ayo wathi bazoyivike­la imfundo esifundazw­eni ngoba kuyacaca ukuthi kukhona abayihlase­layo.

“Sinxusa umphakathi nabazali ukuthi beseke labo thisha bengabukel­wa phansi nguDlungwa­ne nezikhulu zomnyango. Sizobhikis­ha uma sekwethulw­a isabelo sezimali sezemfundo” kuchaza uThompson.

Unxuse labo thisha ukuba bangalahli ithemba.

Uqhube wathi basaqhubek­a nokuhlaba ikhwelo lokuthi uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe ufakwe ngaphansi kokulawulw­a nguhulumen­i kazwelonke njengoba kwenzekile eNorth West.

“Uma bengaholi othisha bakwaGrade R, sibona ingozi yokuthi ngomuso bonke othisha ngeke bahole. Abaholi abakhona emnyangwen­i sebehlulek­ile futhi baphambana nokushiwo nguhulumen­i ukuthi imfundo iseqhulwin­i lwezinto ezihamba phambili kuleli,” kubeka uThompson.

Okhulumela uDlungwane, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bayalulung­isa udaba lo thisha bakwaGrade R wathi badlala iqhaza elibalulek­ile ezikoleni.

Kwenzeka lokhu nje umnyango ubusakwele­ta labo thisha uchatha okwakumele uwufake ngoDisemba nyakenye.

Izinyunyan­a bezisalwel­a ukuthi labo thisha benyuselwe le mali, okumanje bebelokhu bethenjisw­a ukuthi izonyuswa kodwa inganyuswa, njengoba begcine bengasahol­i nhlobo.

UDlungwane wazisholo yena ukuthi uyayilungi­sa indaba kachatha wathi bangabantu ababalulek­e kakhulu kwezemfund­o.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa