Isolezwe

Hlangana mihlathi eyazanayo kuKhongolo­se: Mabuza

- MLUNGISI GUMEDE

IPHINI likaMengam­eli wezwe uMnuz David Mabuza linxuse ukuba iphele indaba yezinhlang­othi kwi-ANC, kubunjwane.

Ubekhuluma emgubhweni woSuku lwabaSeben­zi enkundleni yezemidlal­o eCurries Fountein eThekwini izolo. “Siye engqungqut­heleni yaseNasrec eGoli kukhona oNDZ noCR 17, manje ingqungqut­hela isidlulile kumele iphele indaba yoNDZ noCR 17,” kusho uMabuza.

Uqhube wathi: “Ngiyawanxu­sa wonke amaqabane, okubalwa nawalapha KwaZulu-Natal ukuthi awakwamuke­le ukuthi sekukhona umengameli omusha odinga ukuhlonish­wa.” Uthe ukuba khona kwezinhlan­gothi kuzokwenza umfelandaw­onye ube buthaka.

Uncome nemizamo eyenziwa wuhlaka lwesikhash­ana oluhola i-ANC KwaZulu-Natal, iProvincia­l Task Team yokuzama ukubumba inhlangano.

“Siyazazi izikhalo ezikhona lapha KwaZulu-Natal zokukhishw­a kobulungu benhlangan­o nezinye.

Ubuholi bukazwelon­ke benza konke okusemandl­eni ukuzixazul­ula,” kusho uMabuza.

“Njengoba sihlangene lapha kukhona abanye abasebenzi abahlangen­e kwenye indawo kodwa ningabaseb­enzi nonke,” kusho uMabuza.

Unxuse abasebenzi ukuba baqhubeke nokuseka uKhongolos­e njalo uma kunezinket­ho.

“Abasebenzi babambe iqhaza elikhulu empumelelw­eni ye-ANC njengoba kube khona abaholi okubalwa kubo uMnuz Sihle Zikalala noMnuz Willies Mchunu abahhahham­eziwe ngesikhath­i kubizwa amagama abo.

Kube nenhlokomo kubizwa igama likasihlal­o weSACP KwaZulu-Natal uMnuz James Nxumalo okhale ngendaba yokuncishw­a kwabantu ubulungu be-ANC.

UNxumalo uphakamise ukuthi kubuyekezw­a indaba yokwenyusw­a kweVAT. Uthe ukudla nophethrol­i kwenyukile ngenxa yokwenyuka kwayo.

 ?? Isithombe:GCINA NDWALANE ?? IPHINI likaMengam­eli uMnuz David Mabuza elinxusa ukuthi kuphele indaba yezinhlang­othi kwi-ANC ngenhloso yokwakha ubumbano, uMabuza ubekhuluma emgubhweni wabasebenz­i enkundleni yezemidlal­o eCurries Fountein eThekwini izolo
Isithombe:GCINA NDWALANE IPHINI likaMengam­eli uMnuz David Mabuza elinxusa ukuthi kuphele indaba yezinhlang­othi kwi-ANC ngenhloso yokwakha ubumbano, uMabuza ubekhuluma emgubhweni wabasebenz­i enkundleni yezemidlal­o eCurries Fountein eThekwini izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa