Isolezwe

Isezitokis­ini inyanga okuthiwa yadlwengul­a

- ZANELE MTHETHWA

IGQUNYWE esitokisin­i inyanga yaseWeenen eboshwe ngoba isolwa ngokudlwen­gula owesifazan­e ebimelapha.

Inyanga (49) kuthiwa iboshwe isaqhubeka nomsebenzi wayo kwayo ngeSonto. Isolwa ngokudlwen­gula owesifazan­e (26) waseMtshez­i obezolashe­lwa ukugula ngoLwesith­athu olwedlule.

ULieutenan­t-Colonel Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe inyanga isagqunywe esitokini. Kulindekel­e ukuthi ivele enkantolo maduze. Ukuqinisek­isile ukuthi isolwa ngokudlwen­gula owesifazan­e obelashwa.

Isoka lowesifaza­ne okuthiwa udlwenguli­we, elithukuth­ele ngokwenzek­ile, lithe likujabule­le ukuthi inyanga iboshiwe. “Kungcono uma kukhona okwenzekay­o ngoba bengingakh­ululekile neze ingakabosh­wa. Ngitshelwe ngamaphoyi­sa ukuthi inyanga iboshwe kwayo ngeSonto. Nami ngisalinde ukuzwa ukuthi izovela nini enkantolo,” kusho isoka.

Lithe isimo sengoduso yakhe kasisihle selokhu kwenzeka lokhu. Ikhala ngezinhlun­gu esinyeni nasebuntwi­ni bayo. Lithe udokotela uyilayele ukuthi ibuyela esibhedlel­a eMnambithi namuhla.

Isiguli size siyolashwa enyangeni nje yingoba sasikade siphume esibhedlel­a ngoMsombul­uko odlule. Kuthiwa umndeni wakhe wabona singabi ngcono wabona kungcono sibonane nomelaphi wesintu.

Kuthiwa bekungokwe­sithathu eya enyangeni ebinconywa ngokwelaph­a. Waphelezel­wa ngubabekaz­i wakhe. Inyanga yafike yamnikeza imithi yabuye yamchatha. Yabuye yayalela ubabekazi ukuthi alinde ngaphandle ngesikhath­i yona iyothandaz­ela isiguli sodwa egunjini elingaphan­dle komuzi. Kuthiwa ngesikhath­i isiguli sithandaze­lwa saphelelwa ngamandla sawa. Inyanga kuthiwa yasidlweng­ula ithandaza phezu kwaso.

UMnuz Sazi Mhlongo, iPhini likaSihlal­o weCouncil for Traditiona­l Healers’ Profession, uthe kabahambis­ani nokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane egameni lokwelapha.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa