Isolezwe

Abasebenzi mababumban­e: Ramaphosa

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi umzabalazo wokwenyusw­a kweholo elingu-R20 ngehora kumele uqhubeke ngoba akulona iholo eliphilisa­yo kodwa kuseyiseke­lo njengoba ibingekho imali ebekiwe kulabo abahola kancane.

URamaphosa, obekhuluma emgubheni wabasebenz­i ezinkundle­ni zemidlalo i-Isaac Wolfson eNelson Mandela Bay, e-Eastern Cape, izolo, uthe lo-R20 ngehora abasebenzi kumele baqhubeke balwe ukuze wenyuke.

“U-R20 yisisekelo. Yinto ebingekho ezoqala maduzane ukuze abasebenzi bazuze ngaphansi kwayo.

“Kubasebenz­i abangu-16 million kuleli, u-6.6 million wabo ubuhola ngaphansi kuka-R20 ngehora noma u-R3 000 ngenyanga. Siyavumela­na nalabo abathi bekumele iholo libe phezulu, abanye bathi bekumele liqale ku-R15 000 ngenyanga, kodwa baningi abantu abebezolah­lekelwa umsebenzi. Amafemu abezovalwa abantu balambe, akuyona into esiyifunay­o leyo,” kusho uRamaphosa.

Uthe babalelwa ku-8 million abantu abangalahl­ekelwa ngumsebenz­i uma ngase bahole imali enkulu ngenyanga.

Uqhube wathi iCosatu yaya kwiANC ikhala ngokuthi alikho iholo elibekiwe kulabo abahola kancane, okungabase­benzi basezindli­ni, abasemapul­azini nakweminye imikhakha.

“Indaba yeholo eliphilisa­yo yinto esemqulwin­i wentando yeningi. Sibe sesivuka emaqandeni sayilungis­a indaba yaleli holo. YiCosatu esukumile yalwa ukuze kube khona eyaleli holo.”

UMengameli weCosatu, uMnuz S’dumo Dlamini, uthe indaba yeholo eliphilisa­yo ibalulekil­e kubantu abangu-6 million abahola kancane.

Uthe iCosatu ikhona ayifile njengoba kukhona abacabanga ukuthi ayisekho indaba yayo.

“Amamashi abe yimpumelel­o, abantu baphume ngobuningi babo. Sisamile ekutheni kuqedwe nya ngama-labour brokers. Siyazi ikhona imigomo ethinta indaba yama-labour brokers kodwa ayisebenzi yingakho sifuna aqedwe.”

Uthe bayahambis­ana nesinqumo samagantsh­a e-ANC sokuba kubuyiswe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

“Aseneme ngokuthi awukaze uhlale umhlangano wombimbi. Sifuna uhole lolu hlelo Mengameli sihlangane ukuze kwakhiwe ubumbano. Ngifuna ukuxwayisa i-DA eNelson Mandela Bay, izinsuku zayo zibaliwe kulo mkhandlu, siyeza ngo-2019”.

Ziningi izinhlanga­no, okubalwa nomfelanda­wonye wezinyunya­na iSaftu, ezikhala ngokuthi mncane kakhulu u-R20 ngehora ozoholwa abasebenzi abavele kuyimanje bahola kancane.URamaphosa uthe kubaluleki­le ukuthi abasebenzi babumbane.

“Kubaluleki­le ukuthi abasebenzi bakhulume ngazwi linye kube nomfelanda­wonye owodwa. Lokhu kuzokwenza ukuthi kungabi nesimo lapho izinyunyan­a zimashelan­a zodwa noma zikhuluman­a kabi,” kusho uRamaphosa.

UNobhala jikelele weSACP, uDkt Blade Nzimande, uthe bayayichit­ha eyokwenyus­wa kweVAT ibe ngu15%.

“Sukumani basebenzi nilwe nokwebiwa kwezwe lethu,” kusho uNzimande.

 ?? Isithombe: BHEKI RADEBE ?? UMENGAMELI we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ebingelela abebehambe­le umgubho wabasebenz­i ehambisana noMengamel­i weCosatu, uMnuz S’dumo Dlamini, emgubheni wosuku lwabaseben­zi eZwelitsha ePort Elizabeth
Isithombe: BHEKI RADEBE UMENGAMELI we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ebingelela abebehambe­le umgubho wabasebenz­i ehambisana noMengamel­i weCosatu, uMnuz S’dumo Dlamini, emgubheni wosuku lwabaseben­zi eZwelitsha ePort Elizabeth
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa