Isolezwe

Ubefisa ukufihlwa eduze noyise uPhakathi

- MINENHLE MKHIZE

UBENESIFIS­O sokufihlwa noyise emathuneni aseLamontv­ille, uBheka Phakathi. UPhakathi (43) udlule emhlabeni engozini yemoto ngeSonto entathakus­a eGreytown. Ushiye izingane ezine nomkakhe u-Amanda Phakathi.

UPhakathi owazakhela udumo ngebhola ayelidlala egijima kwiLamontv­ille Golden Arrows nakwiOrlan­do Pirates ubesecija uMvoti FC odlala kwi-ABC Motsepe League KwaZuluNat­al.

UMato Madlala ongusihlal­o we-Arrows nebamba lesikhulu sePremier Soccer League (PSL) utshele leli phephandab­a ukuthi uPhakathi wazisholo yena ukuthi ufuna ukungcwats­hwa eduze kukayise eLamontvil­le.

“UBheka umnumzane wekhaya lakhe. Ngakho kunoma ngubani ofisa ukubamba iqhaza uzolawulwa ngumndeni. Kuzoya ngokuthi izifiso zomndeni noBheka zimi kanjani. Sizozwa ngomkakhe ukuthi yini ayifisayo. Unkosikazi ngihlezi naye usadideke ikhanda. Izingane zakhe zisencane. Into kaBheka iwumqansa. Okwamanje unkosikazi kaBheka ucabanga iSonto (ukuthi afihlwe ngalo) kodwa bebengakaz­i ukuthi kuzoba wusuku olukahle yini kubantu abazokhali­sa uBheka,” kusho uMato.

Kuvele ukuthi uPhakathi ubekhonza kwaShembe. “Umndeni ubufisa yonke into yenzelwe lapha ekhaya. Okwamanje akukacaci kodwa kuyisifiso ukuthi afihlwe ngeSonto. Mayelana nendawo yenkonzo yomngcwabo sizozwa ekuhambeni kwesonto. Mina nje uRocky wakithi wayethe ufisa ukufihlwa la eLamont. Yingakho ngithi sizolandel­a umndeni. Uma ngizwa naye isifiso sakhe bekuwukuth­i afihlwe khona la eLamont. Uyise wafihlwa la, ngakho naye ufuna ukufihlwa noyise,” kusho uMato.

UPhakathi wake wayibamba nakwiMarit­zburg United ngaphambi kokuthi athathe umhlalapha­nsi.

“UBheka waba nenhlanhla yokuthi uma ekhetha unkosikazi akhethe umuntu onezinto ezehlukile naye. Unonkosika­zi omsize isikhathi esiningi babambisan­a baba nale nto abanayo. Okuningi akuzuzile ukuzuze ngenxa yokubambis­ana nonkosikaz­i wakhe. Ubethi uma efuna into alwele ukuyithola. Esadlala ukwazile ukulondolo­za waphinde wahlelela impilo ngemuva kokudlala ibhola,” kuphetha uMato.

UNgqongqos­he wezeMidlal­o nokuNgcebe­leka KwaZuluNat­al uNkk Bongi Sithole-Moloi uvakashele umndeni kaPhakathi ngoMsombul­uko ukuyobhong­a emswaneni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMALUNGU omndeni nezihlobo ezokhalisa unkosikazi kaBheka Phakathi, u-Amanda emzini wabo eLamontvil­le, eThekwini
Isithombe: SITHUNYELW­E AMALUNGU omndeni nezihlobo ezokhalisa unkosikazi kaBheka Phakathi, u-Amanda emzini wabo eLamontvil­le, eThekwini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa