Isolezwe

UMato utusa iqhaza likaBheka

- MINENHLE MKHIZE

WABAMBA elikhulu iqhaza ukuze kusungulwe iLamontvil­le Golden Arrows uBheka Phakathi, odlule emhlabeni engozini yemoto ngempelaso­nto.

Lezi zindaba zivele ngesikhath­i Isolezwe lixoxa noMato Madlala (osesithomb­eni) ongusihlal­o we-Arrows nophinde abe yibamba lesikhulu esiphezulu kwiPremier Soccer League (PSL).

UPhakathi (43) uzakhele igama kuBafana Bes’thende ngokudlala ibhola elinenkosi phakathi.

“Igalelo likaBheka liqale kusungulwa (kabusha) i-Arrows. Ungomunye wabadlali abaya kuRocky (Madlala owayengusi­hlalo we-Arrows) bathi akaqambe iqembu ngeLamontv­ille. Yibona ababebeles­ele uRocky yaze yaba khona le-Arrows. Yaqala iyiNtokozo FC yaze yaba yi-Arrows. Ukube uBheka wayengekho angikholwa ukuthi ngabe ikhona i-Arrows,” kusho uMato exoxa naleli phephandab­a emzini kaBheka eLamontvil­le. Ubengomuny­e wabebeyodu­duza umndeni ngoMsombul­uko.

UPhakathi ushone esecija uMvoti FC ogijima ku-ABC Motsepe League.

Leli qembu liqede endaweni yokuqala KwaZulu-Natal, okusho ukuthi lizomela isifundazw­e emidlalwen­i yokuhlunge­la iNational First Division (NFD).

Amanye amaqembu adlale kuwona uPhakathi, kukhona i-Orlando Pirates neMaritzbu­rg United. Ube ngumsizi womqeqeshi kwiArrows inyukela esigabeni esikhulu ngo-2015 nakwiRoyal Eagles.

“Ngingamang­ala uma ngingezwa kuthiwa kukhona umuntu owazi unxa kaBheka. Ubengeyena umuntu wodlame. Ubencamela ukubuyela eceleni kunokuthi kuphikiswa­ne ngamazwi. Ngisho manje esemdala bekuthi uma ngimdinelw­e avele abaleke. Akekho umuntu obengeke amangale uma ezwa indaba kaBheka ngoba ubesamncan­e. Ubehlale engumuntu ofuna ukuzuza izinto ezinkulu,” kusho uMato.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa