Isolezwe

Bazovela enkantolo abangu-56

- PHILI MJOLI

BAZOVELA enkantolo yemantshi yendawo abantu abangu-56 baseMooi River abasolwa ngokudala udlame oluholele ekutheni kushiswe amaloli angu-32, emgwaqweni onguthelaw­ayeka, uN3 , ngeSonto. Laba basolwa ababhekene namacala okususa uthuthuva emphakathi­ni nokutholak­ala nempahla entshontsh­iwe kulindelek­e ukuthi bavele enkantolo namhlanje.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe abasolwa baneminyak­a ephakathi kuka-17 no-46 baboshelwe ukutholaka­la nezimpahla ezehlukene ezebiwe emalolini ashisiwe. Phakathi kwazo kubalwa inyama, amaburger, ama-tissue, ama-toilet paper nama-tiles.

Umphakathi wakule ndawo kuthiwa uvuke umbhejazan­e ngeSonto ebusuku ubhikishel­a ukuthi abaqashi abangabani­kazi bamaloli, baqasha abashayeli bamazwe angaphandl­e kwakuleli.

Umbhikisho wabo uqale ngokuthi umphakathi ujikijele izinto ezithile emalolini ashayelwa ngabashaye­li okungebona abakuleli abedlula kulo mgwaqo. Kuphethe ngokuthi ababhikish­i bawokhele ngomlilo amaloli, amanye acekelwe phansi. Ngesikhath­i kwenzeka lokhu abanye bathole ithuba lokuzitape­la kulawa maloli abesecekel­we phansi.

Kudaleke isiminyami­nya, okuholele ekutheni izimoto zingakwazi ukudlula kulo mgwaqo ohlale umatatasa kusukela ngesonto ebusuku kuze kube uMsombuluk­o.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda uvakashele kule ndawo ngoMsombul­uko. Uthe uhulumeni uyakuqonda ukuthi kule ndawo kwahamba izimboni eziningi okwakusebe­nza kuwo abantu bakule ndawo, okuholele ekutheni iningi labantu lingaseben­zi. Uthe zikhona izinhlelo ezenziwa uhulumeni wesifundaz­we zokubuyise­la ezinye zalezi zimboni.

UNksz Zinhle Mngomezulu weRoad Traffic Directorat­e, izolo uthe abasebenzi beminyango eyehlukene baqalile ukukhuculu­la izinsalela zamaloli ashisiwe nezinye izinto ebeziphons­we ngababhiki­shi emgwaqweni. Umgwaqo uvulwe ngoMsombul­uko.

Ngempelaso­nto yePhasika abasebenzi­sa lo mgwaqo babhekana nesimo esifanayo ngesikhath­i kunabantu ebebezitap­ela izimpahla emalolini, eshaywa nangamatsh­e.

UKhomishan­a wamaphoyis­a osabambile KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uthe ngeke bakubekeze­lele ukuthi abantu uma benezikhal­o ngezinto ezithile bavale umgwaqo bacekele phansi nempahla.

“Abenza lokhu bazobhekan­a nengalo yomthetho. Umuntu ovimba umgwaqo omkhulu njengalo uzophathwa ngendlela efanayo nezinye izigebengu, ngeke sikubheke ukuthi ubekwenza lokhu ngoba enezikhalo ngokuthile. Ziningi izindlela ezibekiwe zokukhalaz­a uma kukhona ukungeneli­seki, ukwenza ubugebengu akuyona ingxenye yakho,” kusho yena.

 ?? Isithombe: MBUYISELO NDLOVU ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda nezikhulu zomgwaqo zakwaRoad Traffic Inspectora­te (RTI) ngesikhath­i evakashele eMooi River, ngemuva kokuthunge­lwa komlilo kwamaloli kule ndawo
Isithombe: MBUYISELO NDLOVU UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda nezikhulu zomgwaqo zakwaRoad Traffic Inspectora­te (RTI) ngesikhath­i evakashele eMooi River, ngemuva kokuthunge­lwa komlilo kwamaloli kule ndawo
 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? ENYE yamaloli okusolwa ukuthi ashiswe ngababhiki­shi baseMooi River abasola ukuthi abanikazi bamaloli baqasha abashayeli bangaphand­le kwaleli
Isithombe: SIGCINIWE ENYE yamaloli okusolwa ukuthi ashiswe ngababhiki­shi baseMooi River abasola ukuthi abanikazi bamaloli baqasha abashayeli bangaphand­le kwaleli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa