Isolezwe

Bakhuzela ababizwa ngabathaka­thi

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO ebhekele abadala, iThe Associatio­n for the Aged (Tafta) idonse ngendlebe umphakathi ukuthi uyeke umqondo wokuthi abadala bayathakat­ha uma belahlekel­wa wumqondo.

UDkt Rayne Stroebel oyisazi sesifo somqondo esivamise ukuhlasela abadala i-dementia, uthe kubaluleki­le ukuthi umphakathi usiqonde kangcono lesi sifo ngoba abadala bayahlukun­yezwa uma sesibahlas­ele.

“Umuntu omdala uye alahleke azithole esekwenye indawo kodwa ebe ehlose ukuya kwakhe. Omunye usuke engasakhum­buli nokuthi uwubani ngenxa yokuthi i-dementia ihlasela umqondo. Akufanele babizwe ngabathaka­thi nangamanye amagama ayiziswana kodwa badinga ukuthandwa,” kusho uDkt Stroebel.

Uthe iTafta izoba nezinkundl­a zokucobele­lana ngolwazi ezifanele abahlala nabadala, abasemkhak­heni wezempilo nomphakath­i wonkana othanda abadala.

Lezi zinkundla zokucobele­lana ngolwazi zizoba se-Anna Conradie Service Centre, eThekwini ngoMeyi 23.

Ukungena kunguR150 umuntu emunye.

Esitatimen­deni esithunyel­we abakwaTaft­a kwabezinda­ba, bathe uDkt Stroebel uneziqu zeMasters kwiDementi­a Studies, azithole eNyuvesi yaseStirli­ng eScotland futhi unguMqondi­si wenkampani iGeratec egxile ekusizeni abantu abaphila ne-dementia.

“Enkundleni yokucobele­lana ngolwazi sizokhumbu­za abantu ukuthi i-dementia iyisifo esithinta umqondo kodwa esidinga ukuthi simnakekel­e onaso. Isikhathi esiningi abantu abane-dementia abahlukuny­ezwa yiyona kodwa kuba yithina esibaphath­a kabi. Sifuna abantu bakwazi ukuphatha kahle abantu abane-dementia,” kusho uDkt Stroebel.

Embikweni we-Alzheimers SA wango-2013 kuvela ukuthi bangu-44.4 million abantu abaphila ne-dementia emhlabeni jikelele. ENingizimu Afrika bangu-2.2 million abakhathaz­wa yilesi sifo.

UNkk Femada Shamam oyisikhulu esiphezulu seTafta uthe bafuna ukuthi abasebenzi bezempilo nemindeni yabaphila ne-dementia babe nezinsiza ezifanele zokusiza abathandiw­eyo babo. “Umuntu one-dementia udinga ukukhunjuz­wa ukuthi uwubani nokuphathw­a kahle angalokhu ethethiswa uma kukhona akukhohliw­e noma enza okuthile. Kubaluleki­le ukuthi sithande abantu, singabehlu­leli ngoba umqondo wabo usuke uphazamise­kile,” kusho uNkk Shamam.

 ?? Isithombe: NOKUTHULA MBATHA/ANA ?? IJAJI eselathath­a umhlalapha­nsi, uDikgang Moseneke, onikele ngemali ayithola ngesikhath­i engusihlal­o wesigcawu esasipheny­a ngokufa kweziguli zaseLife Esidimeni
Isithombe: NOKUTHULA MBATHA/ANA IJAJI eselathath­a umhlalapha­nsi, uDikgang Moseneke, onikele ngemali ayithola ngesikhath­i engusihlal­o wesigcawu esasipheny­a ngokufa kweziguli zaseLife Esidimeni
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa