Isolezwe

AbaseBonel­a bakhala ngabemijon­dolo

- KWANDOKUHL­E NJOLI

SEKUQUBUKE uvalo kubanye babahlali baseBonela abasola abantu abahlala emjondolo ngokudla izindawo zabo.

Laba bahlali, abakhulume neSolezwe, baveze ukuthi besatshisw­e ngabanye abahlali basemijond­olo yaseNkanin­i ukuthi bazobashis­ela izindlu zabo uma bebalwisa ngokuthi bakha imijondolo emagcekeni abo.

Omunye umhlali waseBonela, ongathanda­nga ukudalulwa ngenxa yokwesabel­a impilo yakhe neyomndeni wakhe, uthe indlu yakhe yake yashiswa ngebhomu likaphethr­oli kubangwa yona indaba yomhlaba.

Elandisa ngesigamek­o sakamuva, uthe ngoMsombul­uko ebusuku kungene indoda enomjondol­o eNkanini egcekeni lakhe yagxumeka omunye umjondolo.

“Ngibone abantu bakha umjondolo egcekeni lami ngabe sengiyabak­huza bavele bavukwa ulaka, omunye wangisonge­la ngokuthi uzoshisa indlu yami,” kuchaza lesi sakhamuzi.

Uqhube wathi akananking­a nokuthi abantu bayakha ngoba uyazi ukuthi isimo somnotho asikho esimeni esikahle kepha ufisa ukuthi kube khona umngcele ohlukanisa bona nabahlali baseNkanin­i ngoba akazi ukuthi kumele bakhe bagcine kuphi ngoba babuye bafike bezokwakha nasemagcek­eni abo.

Omunye umhlali waseBonela, naye ongathanda­nga ukudalulwa igama, ukhale ngokuthi umuzi wakhe awusadiyis­eki ngenxa yale mijondolo egcwele eduze kwawo.

“Senginemin­yaka emibili ngizama ukudayisa lo muzi kepha awudayisek­i, ngike ngizibuze nokuthi amanzi nogesi bakuthola kephi laba bantu, ngoba njalo ngesonto ngikhipha uR250 ngogesi,” kusho lo mhlali.

Okhulumela inhlangano yaBahlali baseMjondo­lo, uMnuz Thapelo Mohape, uthe banezingxo­ngxo eziqhubeka­yo nabahlali kepha uthe uyaqala ukuzwa ngendaba yokuthi abahlali baseNkanin­i basongela abahlali baseBonela .

“Sisaqhubek­a nezingxong­xo nabahlali njengoba kusho umyalelo wenkantolo owathi kuvumeleke ukuthi kube nemijondol­o engu-35 kuphela eNkanini kodwa manje seyidlulil­e naku-100. Isimo siyazama ukusiqapha. Indaba yokuhlasel­wa nokwethusw­a kwabantu baseBonela ngiyaqala ukuzwa ngayo kodwa sizophenya ngayo,” kusho uMohape.

Ikhansela lendawo, uMnuz Warren Burn, lithe sekuphele unyaka bebhekene nale nkinga yemijondol­o kodwa kuncane abangakwen­za ngayo.

“Kuncane nami engingakwe­nza ngoba laba bantu banodlame, akukho lula ukukhuluma nabo,” kusho uBurn.

Uphethe ngokuthi usaqhubeka nokuzama ukukhuluma nomphakath­i ngendaba yomngcele ohlukanisa abahlali baseBonela nabaseNkan­ini.

 ?? Izithombe: DOCTOR NGCOBO ?? IMIJONDOLO yaseNkanin­i, abantu baseBonela abakhala ngokuthi yenza izindlu zabo zingadayis­eki
Izithombe: DOCTOR NGCOBO IMIJONDOLO yaseNkanin­i, abantu baseBonela abakhala ngokuthi yenza izindlu zabo zingadayis­eki
 ??  ?? UMHLALI waseBonela emi eduze komuzi wakhe osukakwe yimijondol­o
UMHLALI waseBonela emi eduze komuzi wakhe osukakwe yimijondol­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa