Isolezwe

UMkhwebane uchitha izinsolo zeCasac

- BONISWA MOHALE

IHHOVISI loMvikeli woMphakath­i, u-Adv Busisiwe Mkhwebane lizwakalis­e ukukhathaz­eka kwalo ngezinsolo zokuthi ufihla imininingw­ane ebalulekil­e ngombiko wepulazi laseFree State, i-Estina.

UMnuz Lawson Naidoo weCouncil for the Advancemen­t of South African Constitutu­ion (Casac) uthe u-Adv Mkhwebane kufanele athweswe icala ngokungawu­dedeli wonke umbiko othinta i-Estina.

UNaidoo uthe ukufihla imininingw­ane kuyicala elibomvu futhi kusho ukuthi u-Adv Mkhwebane akasebenzi ngokuzimel­a.

Emaphephen­i afakwe yiCasac enkantolo ngoLwesith­athu ithe ifuna u-Adv Mkhwebane ahlawule ngokungath­embeki kuMthethos­isekelo.

“Udaba siluhambis­e enkantolo ngoba asifuni kube nabantu abangajezi ngokumosha imali eyayihlele­lwe abalimi abasafufus­a eFree State. Sithole ukuthi kuneminini­ngwane egodliwe embikweni okhishwe u-Adv Mkhwebane ngoFebhuwa­ri 8 nonyaka. Embikweni owawenziwe u-Adv Thuli Madonsela wayethe isikhulu ebesipheth­e ezezimali uMnuz Peter Thabethe wayengayip­hethe kahle imali kodwa koka-Adv Mkhwebane akubhalwan­ga gama lamuntu kunalokho kuthiwe uNdunankul­u waseFree State kufanele ajezise izikhulu ezithintek­ayo,” kusho uNaidoo.

Uthe u-Adv Mkhwebane akasiphiki­sanga isicelo sabo enkantolo okusho ukuthi uyazi kuneminini­ngwane ayigodlile.

Uphinde waveza ukuthi u-Adv Mkhwebane ukhala ngokungabi­bikho kwemali eyanele yokuthi enze uphenyo olunzulu ngezindaba eziyiswa ehhovisi lakhe.

UMnuz Oupa Segalwe wehhovisi loMvikeli woMphakath­i uthe u-Adv Mkhwebane uyazichith­a lezi zinsolo zokuthi ugodle imininingw­ane ethile ngoba efuna ukuvikela osopolitik­i.

“UMvikeli woMphakath­i wenza umsebenzi wakhe ngokulande­la umthetho, akusilo iqiniso ukuthi uvikela osopolitik­i. Uyazichith­a lezi zinsolo zeCasac ngodaba lwase-Estina,” kusho uSegalwe.

 ?? Isithombe: HENK KRUGER/ ANA/AFRICAN NEWS AGENCY ?? I-CASAC isola u-Adv Busisiwe Mkhwebane ngokugodla imininingw­ane ebalulekil­e ngophenyo lwepulazi i-Estina
Isithombe: HENK KRUGER/ ANA/AFRICAN NEWS AGENCY I-CASAC isola u-Adv Busisiwe Mkhwebane ngokugodla imininingw­ane ebalulekil­e ngophenyo lwepulazi i-Estina
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa