Isolezwe

Kumi ngomumo kwi-Africa’s Travel Indaba

- BONISWA MOHALE

KUMI ngomumo ngamalungi­selelo ombukiso omkhulukaz­i wezokuvaka­sha i-Africa’s Travel Indaba ozoba seNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, eThekwini, ngeSonto.

Isikhulu esiphezulu seSouth African Tourism, uMnuz Sisa Ntshona, sithe ezokuvakas­ha, ezikhula ngo-8% njalo ngonyaka, zidala amathuba omsebenzi amaningi.

Sigqugquze­le abatshaliz­imali ukuthi bafake imali yabo ezweni ngoba umnotho uyakhula futhi ezokuvakas­ha zihamba kahle kakhulu.

Ngokombiko weStats SA, zingaphezu kuka-3.5 million abavakashi abangena ezweni ngonyaka odlule.

UNtshona uthe amalungise­lelo e-Africa’s Travel Indaba ahamba kahle kangangoku­thi sebelinde ukwamukela izivakashi nabazokhan­gisa ngemikhiqi­zo yabo.

Ubalule ukuthi kuzokhangi­sa izinkampan­i ezingaphez­u kuka-27 bese kuza abathengi abangaphez­u kuka-100 baseNorth America.

NgoMsombul­uko kulindelek­e ukuthi abahambele i-Africa’s Travel Indaba bahlangane okokuqala sebehwebel­ana kwazise ngeSonto bazobhalis­a bese behambela nemicimbi ehlukene.

UNtshona uthe banezinhle­lo zokwandisa ngo-5 million abavakashi abeza eNingizimu Afrika neziya kwamanye amazwe ase-Afrika.

NgoLwesibi­li abahambele i-Africa’s Travel Indaba bazophinde bathole ithuba lokukhumbu­la owayengume­ngameli waseNingiz­imu Afrika ongasekho, uMnuz Nelson Mandela. Kuzobe kukhona nabeNelson Mandela Foundation. Kulo nyaka kugujwa iminyaka ewu100 kwazalwa uMandela.

Kuzophinde kube khona abezokuvak­asha abavela emazweni ase-Afrika, izinkampan­i zase-Europe nabantu abanamabhi­zinisi ahlukene emalokishi­ni nasemakhay­a.

Abanye balabo bantu basizwa yiTourism KwaZulu-Natal kanti abanye basizwa yiSA Tourism.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa