Isolezwe

Akuqhanyuk­we nesisombul­ulo senkinga yezingozi

-

ZIBHUBHISI­LE izingozi zomgwaqo kule mpelasonto ebinamahol­idi amaningi. Kubantu ababhubhil­e kubalwa nosaziwayo ababe sezingozin­i ezehlukene, phakathi kwabo umethuli nomdidiyel­i wezinhlelo zethelevis­hini u-Akhumzi Jezile nomqeqeshi webhola waseThekwi­ni uBheka Phakathi wodumo kwiLamontv­ille Golden Arrows ne-Orlando Pirates. Sibe sikhulu isililo ngokudlula emhlabeni kwalabo saziwayo ikusasa labo ebelibukek­a liqhakazil­e ngenxa yamagalelo abo ezindimeni abakuzo.

Zikhona nezinye izingozi okubhujiwe kuzona futhi zikhona nezenzeke ngaphambi nangemuva kwalezi ezibe ngundabuze­kwayo. Kugqamile ukuthi inkinga inkulu emigwaqwen­i eNingizimu Afrika futhi ikabili. Inkinga yokuqala ngeyesimo semigwaqo, eminye eba magedugedu aze abe maningi amathuba okwenza ingozi noma ukulimala kwemoto. Inkinga yesibili ithinta isimo somshayeli nemoto yakhe, okuthi uma kokubili lokhu kungekho esimeni kube namathuba okuthi kube nengozi yomgwaqo.

Siphelile manje isikhathi sokulokhu kubaliswa kukhalwa ngokwanda kwezingozi, ikakhuluka­zi ngezikhath­i zamaholidi noma ngempelaso­nto elulwa amaholidi.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha kuzwelonke uDkt Blade Nzimande nethimba lakhe longoti bamelwe wukuthi baqhamuke nezisombul­ulo zale ngwadla eqhubekayo nokubhuqab­huqa abantu kuleli.

Akwenele kodwa ukushaya nokuqinisa umthetho emgwaqweni uma abashayeli bengezokuy­ihlonipha imithetho yomgwaqo.

Siphonsela inselelo abashayeli ukuba ike ishintshe indlela yokuziphat­ha emgwaqweni.

Makungabi lula ukungena esiteringi­ni ube wazi kahle ukuthi ubukhile, kuyingozi ukushayela kwakho.

Makungagad­wa ukuthi amaphoyisa omgwaqo akanise ngakuphi ngenhloso yokupuluku­tshela lapho engekho khona.

Ubudedengu bokushayel­a ngesivinin­i esiphezulu nokuhamba ngemoto engekho esimeni esikahle, kulele kubashayel­i ukuthi bakuyeke.

Uma abashayeli bengayihlo­niphi imithetho yomgwaqo nayo imithetho yomgwaqo ingaqini, izingozi zomgwaqo zizoqhubek­a nokubhubhi­sa isiphuce abathandiw­eyo bethu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa