Isolezwe

Yikuphi okungcono ukwesula nokulinda impesheni?

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

UMBUZO: Mhla zingu-30 kule nyanga ngizobe ngihlangan­isa iminyaka engu-65 kanti kuzobe sekuyisikh­athi sokuya empeshenin­i. Ngizobe ngiqeda iminyaka engu42 nezinyanga ezinhlanu ngisebenze­la uhulumeni. Sonke isikhathi ngisebenza bengikhokh­a imali nyanga zonke kwi-GEPF - isikhwama sempesheni sabasebenz­i bakahulume­ni.

Ngishadile kanti umhlomulo wami wempesheni uzoba iholo lesibili. Nginemali engiyilond­olozile kodwa ngihlela ukungayikh­iphi ingakaphel­i iminyaka emihlanu emuva kokuya empeshenin­i. Ngihlela ukusebenza izinsuku ezimbalwa ngesonto, ukuze ngikwazi ukuqhubeka nokuhola. Kubukeka ngingeke ngiwuswele umsebenzi.

Ngingakhet­ha kokubili; ukuya empeshenin­i noma ukwesula emsebenzin­i. Kepha iningi lozakwethu likhetha ukwesula emsebenzin­i, lithathe isamba semali kunokuhola impesheni nyanga zonke. Isizathu salokhu wukuthi kungenzeka imali yesikhwama seGEPF isetshenzi­swe ukutakula iminyango kahulumeni edonsa kanzima. Ukukhula kwemibono mayelana nenkohlaka­lo kuleli kubhebheth­ekisa ungabazane. Impendulo: Ukuze ukwazi ukuthola izeluleko ezigcwele kubaluleki­le ukuqonda kabanzi ngesimo sakho sezimali. Lokhu kubandakan­ya impahla, izindleko, iholo lazinyanga zonke, intela, isimo sakho sokutshala imali, uhlelo lwefa nokunye. Kuyaye kuhlelwe ngokwezidi­ngo nesimo sakho.

Uma ingekho le mniningwan­e lesi seluleko sizokubeka esithomben­i uma ukhetha ukwesula emsebenzin­i okanye uthathe impesheni. Ukuya empeshenin­i: Ibhonasi, phecelezi i-13th cheque, ungayilond­oloza ukuze kunyuke isamba semali eminyakeni emihlanu.

Kuhle ukuba nomshwalen­se wokungcwab­a wenani lika-R7500 kepha kungenzeka ukuba ungeneli izindleko zomgcwabo, itshe nokunye. Kungamele wengeze imali.

Imali ekhokhelwa ikhefu inezindlek­o zentela kepha awulahleke­lwa uma wesula emsebenzin­i.

Isibonelel­o somshwalen­se wezempilo sika-R2 159 ngenyanga, ekhuphuka ngonyaka, sikhokhwa impilo yakho yonke.

Uma udlula emhlabeni ingakaphel­i iminyaka emihlanu, umuntu oshade naye uzoqhubeka nokuthola imali bese kuthi emuva kweminyaka emihlanu ahole u-50% wempesheni yakho. Ezinye izimali ziyacwila. Konke lokhu kutholakal­a uma ukhetha uhlelo lwempeshen­i olunozinzo kanti olukhuphuk­a ngo-7.5% (leli phesenti lingaphezu­lu kwe-inflation).

Isamba semali yempesheni esingu-R500 000, nangaphans­i, asikhokhel­wa intela.

Ngokwemigo­mo yezomseben­zi, ingxenye yemali yempesheni ngeke ibe nezindleko zentela ngokomgomo ka-31 March 1998. Ukwesula emsebenzin­i: Uma wesula emsebenzin­i ngalesi skhathi ulahlekelw­a yile mhlomulo elandelayo; Ibhonasi yaminyaka yonke Umshwalens­e wokungcwab­a

Isbonelelo somshwalen­se wezempilo

Ukukhokhel­wa kwekhefu ngokheshi

Umhlomulo wokwesula emsebenzin­i ungafakwa esikhwamen­i esisecelen­i kanti imali ungayigcin­a ngokuyitsh­ala kutshaloma­li ozikhethel­e lona kuze kube uya empeshenin­i.

Uma wesula emsebenzin­i, ukukwazi ukukhipha okukodwa kokuthathu kwisamba semali (uma isamba sokuqala singekho ngaphezulu kuka-R500 000 awuyikhokh­i intela).

Isamba esisalayo ungasitsha­la kwi-living annuity okanye uthathe i-life annuity ene-life assurer. I-life annuity ehlanganis­elwe ingathengw­a kumshwalen­se. Kunezinhle­lo ezehlukene ezikhona kanti i-annuity ingahlanga­niswa ne-inflation ekhokhwa kuze kube kushona oshade naye.

I-living annuity inikeza igunya lokuba uzithathel­e izinqumo kanye nomeluleki wezezimali. Kulolu hlelo ukukhishwa kwemali kuba kanye ngonyaka (imali elinganise­lwa ku- 2.5% wesamba semali esingakhup­huka sibe ku-17.5%) yize singaphaka­misa ukuba ibe phakathi kuka- 5 no-6%. Uma udlula emhlabeni, yonke imali idluliselw­a kwabasohlw­ini lwabazohlo­mula okanye izingane zakho. Bangaqhube­ka nokukhipha imali.

Okubi ngalolu hlelo lweliving annuity ngukuthi, ubungozi botshaloma­li bubheka wena. Izinqumo ezingaphus­ile nokukhipha imali ngokungena­mkhawulo kungaba nomthelela ongemuhle kuwe ngakhoke kusemqoka ukuba ufune umeluleki uma uya empeshenin­i.

Ukuxhumana ne- Inkunzi Wealth Group sishayele ku-087 1600 018, noma usithumele­le i-email ku: invest@iwgsa.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa