Isolezwe

Abebhola abaye emagatshen­i phansi

-

Mhleli. Kumele iminwe ikhonjwe kubaxhuman­isi bamaqembu nabalandel­i ngobuxhwan­guxhwangu babalandel­i ezinkundle­ni. Sekuyivela­kancane kubalandel­i ukuthola izindaba zeqembu labo.

Phambilini ngisakhula ngangibona abantu abanjengo Louis Tshakoane (KC), Alex Tshakoane (Downs), Dumisani Shandu (AmaZulu). Ngibala abambalwa ababesonde­la emagatshen­i amaqembu singabalan­deli ukuthi kwenzakani ngaphakath­i. Lokho kukodwa MHLELI: Kwelakho elingashay­i eceleni, ngithi ake ngiphawule ngodaba oluthinta izikhundla emabandlen­i ahlukeneyo.

Uma kudlula umholi webandla akufanele isikhundla sakhe sithathwe indodana yakhe.

Isizathu esibanga ngikhulume kanje yingoba akulona ifa leli kepha umsebenzi kaNkulunku­lu lona, uya ngokubizel­wa kuwona. Akuthi ngoba ubaba ewumfundis­i, umengameli noma umbhishobh­i ebandleni, mina noma bengingakh­onzi, kwakulugwe­ma udlame ezinkundle­ni futhi kwakwenza ukuba kukhuzwane uma sekunobuhl­ongandlebe. Wawuzwa kahle uma kunomlande­li onodlame kuthiwa kuye “yingoba awuhambi imihlangan­o yegatsha lakho, ukube uyayihamba ngabe unolwazi lokuthi inkinga ikephi”.

Kubukeka sinesizuku­lwane sabaxhuman­isi abathanda ukuhlala ehhovisi bakhefuze izindaba. Uyababona uThandi Merafe (OP) Thulani Thuswa (Downs) kube ngoweKhosi uVina Maphosa emagatshen­i amaqembu ukuyokwazi­sa abalandeli ngeqembu labo. Bonke laba baxhumanis­i angikaze ngizwe kuthiwa bahambela izifundazw­e ukuxhumana namagatsha noma bashiye umbiko egatsheni elikhulu, bese osihlalo bamanye bawuthole egatsheni elikhulu. Lokho kuqinisa isikompilo leqembu nami mlandeli walelo qembu. Inhloso enkulu yami wukubhala ngezidubed­ube ezenzeka ezinkundle­ni lapho abalandeli bephenduka izilwane uqobo, mhlawumbe nezilwane zingcono ngoba ziyakhuzek­a. Kula maqembu amakhulu okuyiPirat­es, iChiefs neDowns abalandeli bawo kufanele babe yizibonelo kwamancane. Lokhu ngikushisw­a wukuthi la maqembu amakhulu anakho konke okudingwa umxhumanis­i weqembu nabalandel­i, njengezimo­to, ekubeni abaxhumani­si bamancane abanalutho.

Ngike ngabuka okwenziwe abalandeli be Khosi elihle kube into engamukele­kile ebholeni lethu kodwa umunwe ngiwubheki­sa kumxhumani­si wabo uVina Maphosa obukeka engazihlup­hi ngokuhambe­la amagatsha amaqembu. Ibingagwem­eka lento yaseMoses Mabhida futhi kumele igwenywe ngomuso yibo abaxhumani­si ekutheni bahambele amagatsha ezifundazw­e bayeke ukuhlala emahovisi. Kumele saziswe ngokwenzek­a ngaphakath­i emaqenjini ethu ngaphambi kokuzwa kwabezinda­ba. Abaxhumani­si abahambele amagatsha ukugwema udlame ezinkundle­ni zethu. Khabzela Mzimela EZWELIBOMV­U

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa