Isolezwe

Umculi usethi khumu emculweni nasemicimb­ini

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMREPHA uRiky Rick usememezel­e ukuthi usethi khumu emculweni nasekuhamb­eleni imicimbi amenywa kuyo ngenxa yokungaphi­li kahle emoyeni.

Lezi zindaba uzimemezel­e enkundleni yokuxhumam­a uTwitter, ngeSonto ebusuku.

URiky uthe, kunzima njengoba kuzomele athathe isikhathi angabonaka­li kubantu abahlale belindele ukuthi uzobajabul­isa njalo ngoba ephilile.

“Kunzima ukuba wusaziwayo futhi kunzima nokutshela abantu ukuthi awuphilile.

Angiyena umuntu ophila ngemilingo ngiwumuntu ofana nawo wonke umuntu ofuna ukuthola ukuthula nokujabula empilweni. Ngiyaxolis­a,” kubhala uRiky.

Uthe uyaxolisa kubantu abazophath­eka kabi ngokuthath­a lesi sinqumo kodwa akekho esimeni esikahle sempilo.

“Ngeke ngikwazi ukuqhubeka nokuhambel­a imicimbi nanoma yini ezongenza ngishiye umndeni wami. Ngithatha lesi sikhathi ukuze ngithole nokholo lwami ngaphambi kokuthi ngilahleke­lwe ngabantu engibathan­dayo,” kuchaza yena.

URiky akacacisan­ga ukuthi uzobuya nini emculweni kodwa ubhale ukuthi uyobuya uma kwenzeka.

Izindaba zishiye abantu benemibuzo ehlukene abanye wbesho ukuthi bazomkhumb­ula.

URiky uzakhele udumo ngezingoma eziningi, okukhona kuzo ethi, Boss Zonke, Sidlukotin­i, Stay Shinning nezinye.

Imizamo yokuthola uRiky Rick ayiphumele­langa, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa