Isolezwe

OwoZalo nesifiso sokuhambel­a izindawo

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMLINGISI woZalo, uNay Maps, ophume endaweni yesibili emncintisw­aneni, iTropica Island of Treasure, uthe ukubheke ngabomvu ukuhambela izindawo ezahlukene.

Lolu hlelo obeluqoshe­lwa esiqhingin­i, iMaldives luphele ngoMsombul­uko kuSABC 3.

Kunqobe i #TeamRed ebunjwe ngumculi we-Afrikaans uBrendan Peyper noLisanne Lazarus abahlomule ngoR1 million.

UNay Maps, odlala indawo kaMxolisi kuZalo, ubesethimb­eni noRudi Witkowsky beyi #TeamYellow).

“Ngibheke ukuhambela kakhulu izindawo, nokugqugqu­zela abantu ngezinkulu­mo ezakhayo, ngiphinde ngibazise ngengqephu nokulingis­a kanjalo nangomculo.

“Ngizokhiph­a ingoma yami yokuqala ngasekuphe­leni konyaka, ngakho abantu abalindele,” kusho uNay Maps esitatimen­deni.

Uthe ufuna nokusebenz­a emidlalwen­i emikhulu kuthelevis­hini, emafilimin­i akuleli nawaseHoll­ywood.

Uthe kusukela umncintisw­ano uqala wayezimise­le ngokufika kowamanqam­u adlalele uR1 million.

Uthe ukujabulel­e ukuchitha isikhathi eMaldives ngoba kade kwasa efuna ukuya khona.

“Ngikujabul­ele nokuhlanga­na nabantu abamangali­sayo nokuchitha isikhathi nabo. Bekumnandi. Ngikuthand­ile nokuhleka nokufunda kabanzi ngami nangempilo. Kukho konke ngiyajabul­a ngobungani engibakhe nozakwethu uRudi,” kusho uNay Maps.

Lolu hlelo beluphethw­e ngumethuli we-Expresso uKatlego Maboe. Osaziwayo abebengene­le bekungoKha­nya Mkangisa, Sbahle Mpisane, Karabo Mogane, Tumi Voster noMelinda Bam.

 ??  ?? i #TeamYellow ebunjwe nguNay Maps noRudi Witkowsky iphume endaweni yesibili emncintisw­aneni iTropika Island of Treasure
i #TeamYellow ebunjwe nguNay Maps noRudi Witkowsky iphume endaweni yesibili emncintisw­aneni iTropika Island of Treasure

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa