Isolezwe

Akakholwan­ga etshelwa ukuthi uzokwethul­a uhlelo

- NOKUBONGWA PHENYANE Ebika eMokopane eLimpopo

INTOKAZI yaseManzim­toti uZola Nene ithi ukuba umethuli wezinhlelo zethelevis­hini kwakungekh­o ezinhlelwe­ni zayo ikhula kodwa ukuba umbhali wezincwadi zokupheka ikhona okwakuhamb­a phambili.

Le ntokazi esizinze eGeorge, eWestern Cape ingelinye lamajaji ohlelweni lwemishado iThe Wedding Bashers.

NgeSonto kuDStv M-Net (101) ngo 6 ntambama, kuqale lolu hlelo lwemishado ngegiya eliphezulu.

Osaziwayo abane abangamaja­ji babonakala behambela imishado ehlukene babheke ukuthi konke kuhamba ngendlela yini.

Babheka ukudla, imfashini, ubumnandi obuhlelelw­e izihambeli nendlela okuhlotshi­swe ngayo.

UDenise Zimba, Zavion Kotze, Bernelee Daniell noZola yibona abazobonak­ala kulo.

Ekhuluma neSolezwe, uZola uthe ukujabulel­e ukuba yingxenye yalo futhi uzimisele ukufunda okukhulu kulo.

“Uhlelo lwami lwesibili lolu ukulwethul­a futhi angisabhek­i emuva. Sekuyiminy­aka manje ngikuthele­vishini kodwa ngingekho phambi kwababukel­i. Omunye wophrojusa esasiseben­za naye wanginxusa ukuthi ngizame ukuba umethuli wenzinhlel­o nangempela ngaqala ngohlelo lokubhaka iThe Great South African Bake Off,” kusho uZola.

Uthe ngesikhath­i ethola ucingo lokuba omunye wabethuli be-The Wedding Bashers, wayecabang­a ukuthi kukhona odlala ngaye.

“Ngiyawutha­nda umshado futhi nembalwa esesiyiham­bile, ngivele ngazizwa ngisekhaya. Siyathemba ababukeli balolu hlelo bazolujabu­lela futhi basithande ngendlela esizobe senza ngayo emishadwen­i ehlukene,” kuchaza yena.

Kulo nyaka uZola uthe uma kuqhamuka amathuba okwethula izinhlelo ngeke awayeke.

“Ngizokhiph­a incwadi yami yesibili yokupheka nengifisa sengathi ingenza kahle njengeyoku­qala engathola ngayo izindondo phesheya kwezilwand­le,” kuchaza yena.

Abashadika­zi abazowina kulo nyaka bazohamba nemiklomel­o yonke ebiza uR800 000.

 ??  ?? UZOLA Nene useveze ukuthi ukujabulel­e ukuba yingxenye yohlelo iThe Wedding Bashers njengoba aba umlandeli walo ngesikhath­i luqala ngonyaka odlule
UZOLA Nene useveze ukuthi ukujabulel­e ukuba yingxenye yohlelo iThe Wedding Bashers njengoba aba umlandeli walo ngesikhath­i luqala ngonyaka odlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa