Isolezwe

Ocula ikwaito uhlele umcimbi kamaskandi

- FANELESIBO­NGE BENGU

IZINDUNA zabalandel­i babaculi bakamaskan­di zasogwini oluseningi­zimu, zithi ncinci kaMjoli njengoba sekuzoba nomcimbi omkhulu kamaskandi ePort Shepstone. Umcimbi ohlelwayo yi-Esayidi Maskandi Festival ezoba soGu Sports & Leisure Centre ngoSepthem­ba 22.

Uhlelwa wumculi wekwaito uProfessor ongumnikaz­i wenkampani iProper Files.

NgoMsombul­uko uProfessor kade ehlangene nezinduna enkundleni okuzosinga­thwa kuyo umcimbi beyokhulum­a ngamalungi­selelo awo.

Induna yabalandel­i bakaMthand­eni “Igcokama Elisha” Manqele egatsheni elisePort Shepstone, uZwe Magubane, ithe ijabule ngokuthi sebezoba nowabo umcimbi ngoba kade behambela ezinye izindawo.

“Ngikhuluma nje kade sigcwalise i-Ellis Park ngesikhath­i uMthandeni ethula iCD yakhe entsha yeNdlabeyi­phika. Sinabo nathi abaculi ngapha kodwa umcimbi omkhulu besingenaw­o,” kusho yena.

“Sizoyenza ibe bomvu (umbala ogqokwa abalandeli beGcokama) le nkundla. Wonke amagatsha abalandeli aseKZN nawaseGoli azobe ekhona emcimbini.”

Izinduna ziphonsele inselelo abahleli ukuthi benze isiqinisek­o sokuthi ezokupheph­a ziqinile ukuze lungabi khona udweshu futhi utshwala bungavunye­lwa.

Zithembise ukuthi zizonxenxa abalandeli ukuthi baphume ngobuningi babo ukuze umcimbi udlondloba­le, ube minyaka yonke.

UProfessor, ongowokuza­lwa eZinqoleni, uthe kuyiphupho lakhe ukuthi abantu baziqhenye ngemvelaph­i yabo.

Uthe abaculi abazoshiye­lana inkundla kubalwa uMthandeni, Shwi noMtekhala, Qhoshangok­wenzakwakh­e, Phuzekhemi­si, Osaziwayo, Ichwane Lebhaca, Mbuzeni, Ithwasa Lekhansela, Thokozani Langa, Inyon’ Emhlophe, Imbongolo, uyena uProfessor, Character, Malini, Avante nabanye abaningi.

Amathikith­i azoqala ukutholaka­la eComputick­et maduze ngoR100 kanti nasesangwe­ni azobe ekhona. Umcimbi uzoqala ngo-9 ekuseni.

 ??  ?? UMCULI we-kwaito uProfessor uhlele umcimbi kamaskandi i-Esayidi Maskandi Festival ezoba sePort Shepstone
UMCULI we-kwaito uProfessor uhlele umcimbi kamaskandi i-Esayidi Maskandi Festival ezoba sePort Shepstone
 ??  ?? wabazoshiy­elana inkundla kuGu Jazz Arts Festival
wabazoshiy­elana inkundla kuGu Jazz Arts Festival
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa