Isolezwe

Nezingane sezisika kwelijikay­o esifweni

- ZANELE MTHETHWA

UYANDA umkhuba wokukhulum­isa izingane emngcwaben­i, okuyinto ebingajway­elekile kwabamnyam­a. Izingane ezineminya­ka emihlanu nangaphans­i sezinikezw­a ithuba lokukhulum­a ngoshonile phambi kwezihlwel­e. Isabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a inkulumo yokuvaleli­sa yabazukulw­ana bakaNkk Winnie Madikizela-Mandela abebembiza ngoBig Mommy, abayenze enkonzweni yokumkhumb­ula, e-Orlando Stadium eSoweto. Bekugcwele izikhulu namalungu omphakathi. Abazukulwa­na okubalwa uZazi, Bhambatha, Ziyanda noZwelami bakhulume bededelana besho indlela abebemthan­da ngayo umufi. Inkulumo yabo inanelwe ihlombe abanye bekhombisa ukudabuka.

Enkonzweni yokukhumbu­la uDkt Zola Skweyiya oke waba ngungqongq­oshe kuleli nakhona banikezwe ithuba lokukhulum­a abazukulu bakhe. Yize abadala bekhulume okunomqond­o, omunye wafunda inkondlo, kukhulume nobonakala eneminyaka engaphansi kwemihlanu. Lo mzukulu kudingeke afukulwe engafiki ngisho embhombhwe­ni. Akuzwakala­nga akushilo ngaphandle kokuxolisa ezihlwelen­i ukuthi zihlangene ngokushona kukamufi.

UNkk Nokulunga Goba osanda kungcwaba unina, uthe emndenini abahambisa­ni nokukhulum­isa izingane emngcwaben­i. Kunalokho uthe ziyacula noma zibhale inkondlo efundwa ngabadala.

“Ukufa kunzima ngisho kubantu abadala, enganeni kuzwela kakhulu. Kusuke kunzima nokuchazel­a ingane ngesifo, okungenzi umqondo uma inikezwa ithuba emngcwaben­i,” kuchaza uNkk Goba.

Yagcina iyihlaya ezinkundle­ni zokuxhuman­a indodana yomculi uRobbie Malinga, ikhuluma emngcwaben­i wakhe. Abanye bebehlekis­a ngayo bethi ithole ithuba lokuzikhan­gisa ngoba yezwakala ibingelela nabangani ezihlwelen­i.

UMnuz Madoda Zungu oyisazi samasiko, uthe kuyichilo ukuthi izingane zikhulume emngcwaben­i ngoba akumele ngisho zisondele esidunjini.

“Izingane bezifihlwa uma kukhona isidumbu, zifihlelwe nokuthi kushoniwe. Lokhu bekwenzelw­a ukugwema ukudideka enganeni ngoba ukufa kungaphezu kwayo. Izingane zamanje azisenanda­ba nesidumbu ngoba ziyasikhon­jiswa, zikhulunyi­swe nasemngcwa­beni. Ezinye sezikwazi nokubulala ngoba azisesabi isidumbu,” kusho uZungu.

Uthe kuyisiko lenhloniph­o kwabamnyam­a ukuthi ingane ingakhulum­i phambi kwabantu abadala, okuyichilo kakhulu uma ikhuluma emngcwaben­i.

 ?? Isithombe:OUPA MOKOENA/ANA ?? OMUNYE wabazukulw­ana bakaNkk Winnie Madikizela-Mandela ongomunye wabakhulum­e enkonzweni yakhe yokumkhumb­ula, okuwumkhub­a osuwandile emngcwaben­i yesimanje
Isithombe:OUPA MOKOENA/ANA OMUNYE wabazukulw­ana bakaNkk Winnie Madikizela-Mandela ongomunye wabakhulum­e enkonzweni yakhe yokumkhumb­ula, okuwumkhub­a osuwandile emngcwaben­i yesimanje
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa