Isolezwe

Izipho zomama ngosuku lwabo

- ZANELE MTHETHWA

KWABANYE kunzima ukutholela isipho umama ngosuku olubalulek­ile, ngoba ayashabala­la amasu ezipho, ikakhuluka­zi ngeMother’s Day egujwa minyaka yonke.

Isisemome iMother’s Day, njengoba izokuba ngeSonto elizayo, okusho ukuthi omama balindele izipho ezinhlobon­hlobo kwabathand­iweyo babo. Yize owemukela isipho ejabulela lokhu okuvela enhlizweni, kubaluleki­le ukwenza ukuthi singakhohl­akali kumniniso.

Ngokwe-wesbite, iNews Deal, kunezipho okumele abantu bazigweme ngale Mother’s Day ngoba sezijwayel­eke kakhulu. Ezinye zazo zikhombisa ukuthi ubugcina icala.Kuthiwa kuhle ukwenza ucwaningo ukuthi yini umama angayijabu­lela kunokuthen­ga isipho naye abesilinde­le. Nazi ezinye zazo:

Izimpahla zokulala Wonke umuntu uvele acabange izimpahla zokulala nezicathul­o zokuvuka ezibizwa ngama-morning shoes. Yize lezi zipho zingenanki­nga, azikhombis­i ukuthi uke wawuxukuza umqondo wazama nezinye izipho. Lezi zimpahla umuntu ungamtheng­ela noma yinini.

Izimbali nekhadi Lezi zipho akumele zihambe zodwa kodwa ungafaka nezinye izipho ukwenza ukuthi kube nesigqi. Abanye abantu abakuboni ukubalulek­a kwezimbali nekhadi.

Izimonyo nokokugeza. Lezi zipho uzithola noma yikuphi ziboshelwe kubhasikid­i. Indlela ezisongwe ngayo iyaheha kodwa okuphakath­i akusho lutho. Lesi sipho sikhombisa ukuthi awuhlelang­a kodwa uthathe usugijima noma yini eyibonayo esitolo.

Umshini wokucwilis­a izinyawo Lesi sipho singezinye seseziphel­elwe isikhathi ngenxa yokuphinda­phindeka kwaso. Ezitolo zisuke zehlisiwe ngoba kuyaziwa ukuthi baningi abazotheng­a zona. Khumbula ukuthi isipho akudingeki sibize kodwa okubalulek­ile ukuthi umcabangil­e omthandayo wamthengel­a isipho.

 ?? Isithombe: READER’S DIGEST ?? KUTHIWA kunezipho ezingasena­so isigqi okumele zigwenywe ukuthengel­wa omama ngeMother’s Day
Isithombe: READER’S DIGEST KUTHIWA kunezipho ezingasena­so isigqi okumele zigwenywe ukuthengel­wa omama ngeMother’s Day

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa