Kuzokhetha ukhethi emidlalweni yokugcina
AWUKHO nowodwa umdlalo ongenabo ubumqoka kweyokusonga isizini ye-Absa Premiership, ezogijinywa ezinkundleni ezehlukene ngoMeyi 12, ngesikhathi esifanayo ngo-3 ntambama.
Yize kule midlalo singekho isidingo sokuqagela ukuthi isicoco siyaphi, kodwa akukakacaci ukuthi yimaphi amaqembu azobe edlalela u-R8 million weMTN 8 ngesizini ezayo. Kusekhona nendaba kaTendai Ndoko ne-Ajax Cape Town, esengozini yokuyodlala kumaPlay Offs. IPlatinum Stars, esivele idliwe yizembe, yiyona kuphela engasenakho ekudlalelayo ngaphandle uma kukhona okwenzekayo ngenxa yecala likaNdoro.
AmaZulu v Cape Town City (King Zwelithini Stadium): Kulo mdlalo Usuthu lusayibhekile i-Top 8 kwazise iwini izolubeka ku-38 wamaphuzu bese lukhulekela ukuthi eminye imiphumela ivune lona. Ngakolunye uhlangothi uBenni McCarthy uzokubona njengento enhle uma ngase iCity iqede ngaphansi kukanombolo-5 ngoba ngesizini edlule yilapho beqede khona.
Polokwane City v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium): IChippa isaphupha nge-Top 8 njengoba ihleli kunombolo 8. Ngesikhathi esifanayo iPolokwane imi kabi ezansi ne-log kanti isengcupheni yokuzithola ikumaPlay Offs uma ingabhekile.
n Bloemfontein Celtic v Mamelodi Sundowns (Dr Molemela Stadium): Yize iSundowns ilubheke kakhulu lolu suku kwazise ilona ezokwamukela ngayo indebe yayo yesishiyagalombili kuPSL. Konke lokhu akusho lutho kuCeltic ngoba ibheke iwini kuphela. Uma iyithola izozithola iku-Top 8 kodwa nalapho kuxhumeke kweminye imiphumela.
Platinum Stars v Bidvest Wits (Royal Bafokeng Stadium): IPlatinum isivele igencwe yizembe kodwa isenayo inhlansi yethemba ngodaba lukaNdoro. EzikaRoger de Sa zithi zifuna iwini ukuze uma icala liphikisa i-Ajax bangaba nalo ithuba ngokwezibalo. Ompetha abaphumayo iWits, bakunombolo-10 kodwa akungatshazwa ukuthi uGavin Hunt angathanda ukuqeda ku-Top 8. SuperSport United v Baroka FC (Lucas Moripe Stadium): Kusekude bayikhohlwe abalandeli beSuperSport le sizini kwazise babalwa nabangase balwele indawo yabo kuma-Play Offs. ISuperSport isendaweni embi kodwa uma ingawina kungaba ngcono. Nakhona kuncike kweminye imiphumela. IBaroka isesimweni esifanayo kwazise ingcono ngephuzu kuSuperSport.
Orlando Pirates v Free State Stars (Orlando Stadium): Akusekho okungaphazamisa iBucs ukuthi iqede endaweni yesibili ngakhoke lo mdlalo umqoka kakhulu kuFree State. EzikaLuc Eymael zibe nesizini enhle kakhulu kodwa isengabangcono uma bengaqeda endaweni yesihlanu esikhundleni seyesithupha abahleli kuyona. Ajax Cape Town v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium): Kuningi okuxhumeke kulo mdlalo njengoba i-Ajax izimisele ngokusuka endaweni yama-Play Offs. I-Ajax idinga ukushaya iChiefs ukuze isuke ezembeni. IChiefs yona isethubeni lokuzibekisela indawo kuCaf Confederation Cup uma iwaqoqa wonke amaphuzu bese iqeda endaweni yesithathu.
Maritzburg United v Lamontville Golden Arrows (Harry Gwala Stadium): UFadlu Davids uthe nakuba befuna ukuwina ukuze bazibekisele indawo kuConfed Cup kodwa unovalo ngoba lokhu akukho ezandleni zakhe kepha kukuChiefs (ukuthi yenzenjani eKapa). UClinton Larsen ujabulela ukululama kwabo bonke abadlali bakhe athi kumnika ithuba elikahle lokulwa aqede ku-Top 8 njengoba behleli endaweni yesikhombisa.