UMosimane ululeka ngeCAF
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uthi kumele amaqembu ayeke ukubalisa kodwa abhukule emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football.
Ngempelasonto iSundowns, enqobe isicoco sesishiyagalombili se-Absa Premiership, izoqala imidlalo yamaqoqo yeCAF Champions League.
Okwesithathu kulandelana iSundowns idlala kwiChampions League eyayinqoba ngo-2016.
Njengamanje iSundowns iyona kuphela esele kwiChampions League. IBidvest Wits, enqobe iligi ngesizini edlule, iphumile kulo mqhudelwano yehlela kwiConfederations Cup, nakhona yafike yasha induku.
Isilomo somdlali weBidvest Wits, uDaine Klate, sifake isithombe sesidlo sofishi abasabekayo ebesibadla ngesikhathi beyodlala ne-Enyimba yaseNigeria koweConfederations Cup emasontweni edlule.
“Nikhala ngofishi abebedliwa yiWits nicabanga ukuthi thina sidlani. Nathi sidlalile ne-Enyimba ngesikhathi siseNigeria kwiChampions League. Nifuna sinitshele ukuthi yiziphi izingqinamba esabhekana nazo? Uma senazi nizokwenzani? Ngubani onendaba nokuthi sibhekene nani? Uma sengichaza nizothi ushayiwe yingakho esebeka izaba. Yise-Afrika lapha akusiniswa nje amahleza, “kuchaza uMosimane.
NgoMgqibelo eLucas Moripe Stadium, iSundowns izokwamukela ompetha banyakenye iWydad Atletic emdlalweni ozoqala ngo-9 ebusuku. Amanye amaqembu aqhathwe neSundowns kuGroup C yi-AS Togo yaseTogo neHoroya yaseGuinea.
“Ngebhadi ngibona abantu bedlalisa izikimu ezithambile e-Afrika. Uma abantu benza njalo akumele baziqhathanise neSundowns,” kusho uMosimane.
Ukuwina kweSundowns isicoco seligi ngempelasonto edlule kuyibuyisela kulo mqhudelwano nangonyaka ozayo. Izojoyinwa yi-Orlando Pirates ezoqeda endaweni yesibili kwiAbsa Premiership.
“Sesidlale iminyaka emine ilandelana kwiChampions League. Yithina kuphela esisenze lokho. Sihlale siqeda endaweni yokuqala noma eyesibili. Ezinye izinkunzi ezenza lokhu yi-Esperance (yaseTunisia), Al Ahly (yaseEgypt) neMamelodi Sundowns. Ngisho oWydad Casablanca noZesco United bathwala kanzima. Sonke siyazi ukuthi iSuperSport United ikuphi kwi-log. Siyazi iWits ikuphi. Ufuna ukudlala iChampions League, ayikho inkinga asambe siyodlala. Yilapho sesiqala khona ukukhuluma ibhola-ke, “kusho uMosimane.
UMosimane ufanise iqembu lakhe neMadrid yaseSpain.
“Yonke iminyaka iReal Madrid ihlale idlala kwiChampions League. Ifinyelela kweyamanqamu. Njalo ngemuva kwezinsuku ezintathu iyadlala. Le nto ayifuni imali. IWits iyiziqumama, iSuperSport ixhaswe ithelevishini. Amanye amaqembu anoxhaxha lwabaxhasi, ngisho iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Ngakho ayikho le ndaba yabantu abathi balahlekelwa yimali,” kuvala uMosimane.